Imiphumela yocwaningo lwesibonelelo somphakathi uveza isidingo esikhulu sokunyuswa kwezibonelelo

Senze ucwaningo lokuqonda nokuzwa ukuthi izinkinga zintsha noma ingabe abantu abathole isibonelelo babhekane nezinkinga ezifanayo na nabanye abantu abamukela izibonelelo zomphakathi.

Amalungu e-amandla.mobi amaningi asize ukufakela uMongameli Ramaphosa ingcindezi yokubuyisa isibonelelo esingu-R350 futhi kubandakanywe abanakekeli abangaqashiwe. Ukubuyiswa kwesibonelelo esingu-R350 ngoJulayi 2021 kuze nokuthuthukiswa kwezinga lokufaneleka, lapho abanakekeli abangaqashiwe befaneleke ukuba bathole isibonelelo. Nokho, amalungu amaningi e-amandla.mobi abike izinkinga zokufaka isicelo sesibonelelo.

Ngenxa yazo zonke izinkinga ezivele ngenxa yohlelo lwesibonelelo luka-R350, senze ucwaningo lokuqonda nokuzwa ukuthi izinkinga zintsha noma ingabe abantu abathole isibonelelo babhekane nezinkinga ezifanayo na nabanye abantu abamukela izibonelelo zomphakathi.

Phakathi kwemiphumela esiyitholile ocwaningweni lwesiBonelelo somphakathi lwethu sithole ukuthi:

●          I-SASSA isasilele kwezokuxhumana nabantu abathola izibonelelo

Kube, enye yezinkinga ezivame kakhulu evele oCwaningweni Lesibonelelo sika-R350 kanye neziBonelelo Zomphakathi kube yinkinga yezokuxhumana ne-SASSA. Ezinye izibonelelo zivaliwe ngaphandle kokuxhumana, kube abanye abakwazanga ukuthola izimpendulo lapho befuna usizo noma ulwazi. Omunye wabaphendulile uze wathi:

“Bengingomunye wabanakekeli abangazitholanga izibonelelo zezingane kube kungekho myalezo othunyelwe kule nyanga [Okthoba].”

“Kumele kuthunyelwe abantu umuzi nomuzi ebantwini abadala, abagulayo kanye nabaphila nokukhubazeka.”

●          Imali yesibonelelo samanje ayanele

Abaphendulile baveze nokuthi imali yesibonelelo samanje ayanele futhi esikhathini esiningi kudinga ukuthi bayekele ezinye izidingo eziyisisekelo ukuze zenziwe abanye abantu. Nakuba bethenga ukudla kanzima, bazithola bedela izidingo ezinjengemithi, izimpahla zesikole, izingubo zokugqoka, kanye nokuthenga ugesi.

“CEO ye-SASSA ethandekayo noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, sicela usisize ngokunyusa Isibonelelo Sezingane, siyakucela bandla. Abanakekeli abaningi bathembele kuso. Abasebenzi, ngakho ukunyusa isibonelelo kungabongwa kakhulu.”

“Ngicabanga ukuthi isibonelelo se-SASSA kumele sinyuswe ngoba eminye imindeni idinga imali ukuze iphile. Futhi imali yamanje etholwa yizingane ayizifanele izidingo zazo ngoba izinto ziyabiza. Sinxusa uhulumeni ukuba anyuse isibonelelo ngoba abanye abazali abasebenzi futhi abafanelekile ukuthola isibonelelo se-SRD kwezinye izimo.”

●          Uhlelo lwesibonelelo lungasetshenziselwa ukwenza umehluko othile.

Abanye abaphendulile bakhala ngokuthola izibonelelo zabo emuva kwesikhathi, ikakhulukazi emuva kokushintshwa kwezinsuku zokuhola ngenxa ye-COVID-19.

“Kumele bathuthukise uhlelo lwabo. Ngikhathele ukuthola isibonelelo ngeviki lesibili njalo ngenyanga ngoba ngisebenzisa lesi sibonelelo ukuze ngixoshe ikati eziko…..”

“Sekuphele izinyanga manje silindele izijumbana zokudla manje. Sicela balungise izinto ngokushesha ngoba abanye bethu bathembele ezijumbaneni zokudla ngoba isibonelelo asikaze sanele.”

Olunye ulwazi ngocwaningo lungatholakala ngezansi:

●          Abantu abaphendulile abangaphezu kwamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye bangabahlomula ngesibonelelo sezingane.

Igrafu engezansi iveza ukuthi isiBonelelo Sezingane sisayisibonelelo esikhulukazi ezweni, esinesidingo esikhulayo nsukuzonke.

Igrafu 1: Igrafu engenhla iveza izibonelelo zomphakathi ezihlukene.

●          Abantu abaningi abahlomulayo ngesibonelelo abasebenzi.

Ucwaningo lwethu lwesibonelelo sika-R350 luthole ukuthi abanakekeli abaningi abangaqashiwe bachithwa lapho befaka izicelo zesibonelelo. Igrafu engezansi iyakubonisa.

Igrafu 2: Igrafu engenhla iveza isibalo sabanakekeli abaqashiwe nabangaqashiwe.

●          Cishe ama-40% abantu abaphendula bathi babhekana nezinkinga ngezibonelelo zabo. Omunye ohlomula ngesibonelelo sezingane uthe:

“Ngowezi-2014, ngalahlekelwa umazisi wami, futhi kwaba yingesikhathi lapho i-SASSA yayivuselela uhlelo lwesibonelelo.  Kwadingeka ukuthi sihambise izingane ziye kothatha izithupha. Emuva kokuba sengithole umazisi wami, ngaya kofaka isicelo sesibonelelo, natshelwa ukuthi ngangiphenywa futhi babengazi ukuthi lokho kwakuzothatha isikhathi esingakanani. Angizange ngisithole isibonelelo iminyaka eyisithupha yonke.

Kwathi lapho sengisithola futhi, nganginethemba lokuthi imali ebengingayitholanga eminyakeni edlule kwa-SASSA ngangizoyithola, ngatshelwa ukuthi ayikhokhwa imali yeminyaka edlule, futhi indodakazi yami eyayingasafanelekile ukuthola isibonelelo yayingakasebenzi. Indlela uhulumeni wethu asebenza ngayo yangiphatha kabi kakhulu.”

Abanye abathola isibonelelo bathi:

“Umama ufake isicelo sesibonelelo sokunakekela izingane zikadadewethu osewashona esagunyazwa eminyakeni emithathu edlule, kodwa akakakwazi namanje ukuyithola imali.”

“Ukuzama ukuthola isibonelelo sempesheni kanye nesengane. Ngonyaka odlule isicelo sami sesibonelelo sengane sachithwa. Angikezwa namanje ngesibonelelo sami sempesheni… angikwazi ukuthola indlela yokuthinta i-SASSA ukuze iphendule.”

Uma bebuzwa ngomyalezo wabo oqonde ku-CEO we-SASSA noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, abantu abaphendulile bathe:

“Ngiphakamisa ukuthi i-SASSA inyuse imali yesibonelelo (i-CSG) ngoba abanakekeli abaningi bathembele kuso…”

“I-SASSA kumele inyuse izibonelelo zomphakathi.”

:Kumele bathuthukise uhlelo lwezibonelelo zomphakathi.”

“Angazi, mhlawumbe imali mayifakwe kuma-akhawunti ethu ukuze ugogo nomkhulu bethu bangalokhu bema kolayini abade futhi bakwazi ukuyithola noma kunini enyangeni.”

“Ngingathanda ukuba bazi ukuthi le mali kucishe kufane nokuthi ayenzi lutho.”

Ngakho, yini engenziwa yi-SASSA ngokwehlukile?

Ayikho indlela yokulungisa kahle uhlelo lwesibonelelo sika-R350 uma uhlelo lwesibonelelo somphakathi lusasilele emuva. I-SASSA ne-DSD kumele bathathe izinyathelo zokubhekana nokulungisa izinkinga ngokushesha.

I-SASSA noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kumele:

●          Babe nezinsuku zokuhola ezingashintshi

●          Bathuthukise ukuxhumana nabamukeli besibonelelo/nabahlomulayo

●          Banyuse zonke izibonelelo zibe ngaphezu kwesilinganiso esiphezulu sobuphofu

●          Benze uhlelo lwezibonelelo lusebenze ngokugculisayo futhi lusebenziseke kululana, lapho kuxhunywe ku-inthanethi nalapho kungaxhunyiwe

“Uyaziswa ukuthi konke okucashuniwe kuhleliwe kancane ukuze kubhaleke ngendlela eqondakalayo.

Isichasiso esiqondene nokuqhutshwa komsebenzi:

Imiphumela engenhla isuselwe kakhulu emiphumeleni yocwaningo lwethu lwezibonelelo zomphakathi, esatholakala bukhoma futhi engatholakala lapha:  https://amandla.wgdev.co.za/grant-survey/. Ukuze uthole izibalo zakamuva futhi ezibuyekeziwe buka imiphumela yocwaningo kuleli khasi [Ilinki inamekwe ekhasini lemiphumela]. Imiphumela yocwaningo kumele ibuyekezeke okungenani kanye ngeviki ukuveza izimpendulo ezintsha njengoba bantu besagcwalisa izimpendulo zabo zocwaningo. Imininingo ngabanakekeli abangaqashiwe abafake izicelo zesibonelelo sika-R350, manje asebefakiwe esigabeni sokufaneleka, yathathwa kumininingo ehlukanisiwe yakolunye ucwaningo lwethu lwezibonelelo zomphakathi, esatholakala bukhoma futhi engatholakala lapha: https://amandla.wgdev.co.za/350-survey/. Imiphumela yakamuva ebukhoma yocwaningo ingatholakala lapha: https://amandla.wgdev.co.za/results-of-r350-survey-show-sassa-must-act/.

Ucwaningo lungagcwaliswa ku-mobi site yethu, kodwa sihlinzeka nangezindlela zokugcwalisa ucwaningo ngeselula kulabo abangenayo idatha, noma i-airtime. Uyaziswa ukuthi sikwaze ukushicilela imiphumela enjengoba injalo kuphela, nokuthi imininingo engenhla yabanakekeli abangaqashiwe ihlukaniswe futhi yahlaziywa ngokuzibalela ngaphandle kokusebenzisa izindlela zobuchwepheshe. Nasezimpendulweni zocwaningo lwe-UIF kwenzeke okufanayo. Imininingo ehlaziywe ngokuzenzela ayiveli bukhoma, futhi ayithathwanga eqoqweni lemininingo esukela kumhla ka-3 Disemba 2021. Siyinhlangano encane engenazo izinsiza kanye nemali yokusebenza eningi. Nokho, uma uthanda ukucela ukuthola idatha ebuyekeziwe noma uma uneziphakamiso zendlelakwenza yokucwaninga, sicela ungasabi ukusithinta ku-hola (at) amandla.mobi, sizobe sesenza konke okusemandleni ukukuthinta.

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo

Ukumenyezelwa kwamaFellow owezi-2023

Sesifikile isikhathi!! Kuyintokozo enkulu kithi ukumemezela amaCampaigner Fellow ethu owezi-2023, (Kusuka Kwesokunxele Maphezulu kuya Kwesokudla Maphansi) angoPalesa Ndlovu, Celokuhle Radebe, Natasha Mhlanga, Ritza Mandleni, Queen Mdluli kanye noMinothando Hlanganyana

Read More