I-NHI yabantu ibalulekile futhi ingenzeka

*Ezakamuva* Siyabonga kini nonke malungu kanye nabozakwethu. Sindawonye, sathumela izethulo zomphakathi eziyizi-170,000 sikhala ngokuthi makube ne-NHI esebenzela abantu. Lokhu kuyisinyathelo esibalulekile sokuthi kube nokuhlinzeka ngemisebenzi yezempilo enezingaqophelo elifanele yabantu bonke.

*Qaphela ukuthi sihlele kabusha futhi sachibiyela izethulo zethu ngaphansi kwesiqubulo ezimbili ezisemqoka; isibopho sokuphendula kanye nezinsiza. Nokho, iphosti yebhulogi yokuqala ingatholakala ngezansi*

Unamandla okubumba i-NHI ukuze ihlinzeke ngemisebenzi yokunakekela ngokwezempilo okuseqophelweni elifanele kwabantu bonke. Kodwa kumele sithathe isinyathelo manje, ilanga lokuveza izimvo zethu uLwesihlanu singama-29 Novemba kuphela. Thumela izethulo zakho lapha: https://awethu.amandla.mobi/petitions/demand-an-nhi-that-works-for-the-people

UNgqongqoshe uZweli Mkhize wethule uMthethosivivinyo woMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) ephalamende [1]. Uthanda ukudida kancane, kodwa empeleni i-NHI iyindlela yokulungisa umonakalo ehlose ukuthuthukisa izinsiza zemisebenzi yezempilo zabiwa ngokufanele, kunokuba nohlelo olulodwa lwabacebile kanye nolunye lwabampofu, njengoba kwenzeka njengamanje.
Isibonelo; njengamanje, uma umsebenzi osiza ezindlini wase-Alexandra egula, kumele abambe ulayini omude emtholampilo womphakathi wangakubo, kube labo abahlala eSandton abane-medical aid bakwazi ukuthola usizo lwezempilo ngaleso sikhathi. Kodwa ngaphansi kwe-NHI, ingaba yiningi imali yoxhaso lwezempilo, ukuze umtholampilo womphakathi wase-Alex ube nezikhathi zokulinda ezimfishane ngoba kwande isibalo sodokotela. Uma umtholampilo womphakathi wase-Alex ungenabo odokotela osebenza nomkhakha othile, umtholampilo ungadlulisela umsebenzi osiza ezindlini kudokotela osebenza ngomkhakha wokwelapha othile oseduze. Nakuba lo dokotela osebenza ngomkhakha othile esesibhedlela esizimele esiseSandton, isikhwama se-NHI sizokukhokhela lokhu.
1) Isibopho sokuphendula

  • Izimo ezisemqoka zokunqanda inkohlakalo, ukwandisa isibopho sokuphendula kanye nokuqeda ubugebengu
    Ukungalingani nenkohlakalo kuxhumene, futhi e-SA, inkohlakalo itholakala kuzimboni ezizimele nezikahulumeni. Izinqubomgomo zezimo zokuphila ezinzisa kanye nezomnotho ezongayo angeke zikunciphise ukungalingani, kodwa imibono ebheke entuthukweni enjenge-NHI inganciphisa ukungalingani uma ingasetshenziswa ngokufanele. Kodwa lokhu kuzofezeka inqobo uma isikhwama se-NHI sinesibopho sokuphendula futhi singeke sigetshengwe izimboni zomphakathi noma ezizimele. Inqubo yokugunyazwa idinga ukuba ihambisane nemigomo ye-NHI ukuze kusizwe abantu, futhi abantu bahlinzekelwe ngokwezempilo ezidingweni zezempilo eziveziwe.
  • Ukuvuleleka
    izinhlangano zomphakathi kumele zikwazi ukuthola ulwazi ngokushesha futhi kalula mahhala ngezinqubo ze-NHI, izinqubo, ukuhlinzekelana ngemisebenzi ngokuthengiselana kanye nezinkontileka njl. Ukuvuleleka kumele kwakhelwe phezu kwakho konke okuthinta i-NHI ukuze izinkinga zenkohlakalo kanye nokunye kuhlonzwe futhi kulungiswe.
  • Ukuqalisa Ngendlela Egculisayo
    Sinemithetho, izinqubomgomo kanye nemithethonqubo eminingi neqinile, kodwa ukuqaliswa kusemqoka. I-NHI izofika noshintsho olukhulu ohlelweni lwezempilo, kodwa lokhu kumele kulawulwe ngempumelelo futhi kwenziwe ushintsho lokubhekana nezinkinga ezingase zivele. Njengoba kuvezwe kuSection 27, “..ngokwalokho okubhalwe kumthethosivivinywa njengamanje, siza nokwakhiwa kwemithetho emisha, okungeke kube nendlela yokubuyela emuva uma kwenzeka ingaphumeleli, nangaphandle kwezinhlinzeko zezinguquko ezingenza ukuqaliswa kwawo kwenziwa ngokwezigaba futhi kuvulele ukufunda” Lokhu kusho ukuthi kumele kube nezindlela zokuhlola izinhlelo ezintsha kanye nezakhi ngaphambi kokuba zisayinwe zibe wumthetho. Lokhu kungasho ukuthi kumele kuqaliswe amabhodi ezikhalo ukuze iziguli nabasebenzi bakwazi ukubika izinkinga.
  • Ukwakheka kwebhodi namakhodi
    UMthethosivivinywa we-NHI unika ungqongqoshe wezempilo yedwa amandla okuqoka ibhodi, futhi ibhodi liqoke amakomidi ahlukene azosebenza ku-NHI. Lokhu kunika ungqongqoshe amandla amakhulu kakhulu futhi akumvikeli ekuthatheni izinqumo ezivele kwabanye abantu. izinhlangano zomphakathi kumele zibe nezindlela ezanele futhi zimelwe emabhodini nasemakomidini ukuze kunqandwe izinkampani zabanemihobholo, amaqola, osopolitiki abakhohlakele noma abaphathi abangenaso isibopho sokuphendula ekutheni besigebenge. Ukubusa ngokufanele kubalulekile futhi kuchaza ukuthi amandla kumele angabi sendaweni eyodwa.
  • Lawula imboni yezempilo ezimele
    Njengoba umbiko wakamuva kwekhomishini yezokuncintisana [2] iveza umhobholo wezinkampani ezizimele ezikhona ezingogombela kwesabo kanye nokunyuka kwezintengo obulimaza iziguli ekutholeni ukunakekelwa okunobulungiswa; kubalulekile ukuthi izimboni ezizimele zilandele imithethonqubo. Ukuhlinzeka abantu ngemisebenzi ehlinzekwa ezimbonini ezizimele nge-NHI akumele kubonakale njengalokho okuvele ezimbonini ezizimele njengokunye okungasetshenziswa okungaphezulu [5]. Okunye okubalulekile wukuthi uMthethosivivinywa kanye nemithethonqubo yokugcina akumele ibe nezintuba imboni ezimele engasebenzisela ukuxhaphaza nokudelela i-NHI.
  • Thuthukisa imisebenzi yezempilo
    Uhulumeni kumele endlale uhlelo lokulungisa izikhungo zezempilo zamanje ukuqinisekisa ukuthi zikulungele ukubhekana nezidingo zezempilo zabantu. I-NHI kumele ithuthukise umkhakha wezempilo kahulumeni nozimele ngokuphoqelela Imigomo Esemqoka Kazwelonke kanye noHlelo Lomtholampilo Ofanelekile. Izikhungo zempilo zethu eziningi azikwazi ukuhlangabezana nezidingo zomnyango wezempilo [5] kube inqwaba yezikhungo ezizimele zigxile enzuzweni hhayi empilweni. UMthethosivivinyo kumele uqinisekise ukuthi izikhungo zezempilo zomphakathi zifanelekile futhi zizokwazi ukuhlinzeka ngokunakekela kwezempilo okuyisisekelo ngempumelelo. Imitholampilo yethu kanye nezinye izikhungo kumele zikwazi ukuhlinzeke izidingo zezenhlanzeko, ziphathwe futhi kufinyeleleke kuzo ngokufanele. Kumele kuqinisekiswe ukuhlinzekelwa kwamalungelo nesithunzi seziguli, izisebenzi kanye nomphakathi kabanzi, lapho izinhlelo zezempilo zihluleka ukugcina lesi simo, kumele kuthathwe izinyathelo ngokushesha ukuze kulungiswe amaphutha futhi kuqinisekiswe izinkinga aziphinde zenzeke.
  • Akekho umuntu ongekho emthethweni
    Ngesekela ukuthi i-NHI ihlinzekela abantu bokufika abacashe kuleli kanye nabangabhalisiwe ngokomthetho ukuze bathole “(a) usizo lwezempilo oluphuthumayo futhi (b) bahlinzekelwe ezimweni zezempilo ezibonakala zikhathaza:. Nokho, ibashiya bengahlinzekelwe ezimweni zempilo ezibucayi, kanye nesithunzi sabo lapho begula. INingizimu Afrika kumele ingabi nezinqubomgomo Ezicwasa Ngokobuzwe, futhi kubalulekile ukuthi i-NHI ingabonakali njengenye insiza esetshenziselwa ukushiya abantu bokufika besengcupheni futhi besengozini. Umthethosivivinywa akumele ibize abantu bokufika abangabhalisiwe ngokuthi abekho emthethweni, futhi uvulele abantu ukuthi bathole ukunakekelwa ngokwezempilo okuyisisekelo kwabo bonke, hhayi izingane kuphela.

2) Ezinye izinsiza, ukungenelela kanye nemisebenzi yalabo abayidinga kakhulu

  • Uhlelo lomuntu oyedwa okhokhayo olunokukhokha kwangaphambili okuphoqayo:
    Ngikholelwa wukuthi abacebile kumele bakhokhe isabelo esibafanele futhi kumele siwaqede ama-medical aid kanye nokuzuza kwezinkampani ezizimele. Uhlelo lokukhokha komuntu oyedwa olunokukhokha kwangaphambili luzosiza ukufeza lokhu ngokuhlanganisa yonke imali ibe sesikhwameni esisodwa okuzothenga futhi kukhokhelwa ngaso izinsiza zezempilo, ukuze kuhlangabezanwe nemigomo yezempilo emisiwe. Ukukhokha kwangaphambili okuphoqelekile kuphoqa bonke abantu ukuthi bakhokhe isabelo esifanele kulesi sikhwama esihlanganisile. Ingcebo eningi la eMzansi yakhiwa ngokuxhashazwa komhlaba kanye nabantu bethu, ngakho abacebile akumele baphume uma bebona kubalungele. Ukuze kukhokhelwe i-NHI, ukubumbana komphakathi kwangempela kusho ukuthi uhulumeni nephalamende kumele bandise intela yengeniso ekhokhwa wumuntu ngamunye kanye nentela yengeniso ekhokhwa yizinkampani. Uma izinkampani zingayikhokhi intela ngokufanele noma zikugwema ukuyikhokha ngokuphelele, thina bantu siphoqeleka ukuthwala umthwalo wokunyuka kwe-VAT. Ngeke kuphinde kwenzeke lokho.
  • Ukuxhumanisa uhlelo lwezempilo eluminxambili:
    Ngisekela ukuthasiselwa kohlelo lwezempilo oluminxambili olwenza abanye abantu bathokozele imisebenzi yezempilo kangcono kunabanye. Ngisekela isikhwama se-NHI esikhokhela izikhungo ngqo zemisebenzi ukuze kungabi namuntu ongumxhumanisi ozoba wumthengi wemisebenzi yezempilo.
  • Ukwandisa odokotela abaqondene nemikhakha ethile kanye nonompilo.
    Sidinga ukwandiswa konompilo futhi kumele baqashwe ngokuphelele abaphathi abasebenza ngokusezingeni eliphezulu. Onompilo kumele babe yingxenye ye-NHI futhi imali yesikhwama iye kubo. Odokotela ababhekana nemikhakha ethile yezempilo njengamanje basebenza ezimbonini ezimbonini ezizimele, futhi i-NHI kumele ikushintshe lokhu. Ukutholakala kodokotela ababhekana nemikhakha ethile abahlukahlukene kuzonciphisa umehluko phakathi kwemboni ezimele nekahulumeni. Ngisekela ukuthi bonke abantu manje sebezokwazi ukuthola odokotela abaqondene nemikhakha ethile kuvaleleke ezimbonini ezizimele.
  • Ukwahlukana kwezempilo kwasemakhaya/nasemadolobheni
    Indawo ohlala kuyo akumele ibe nomthelela kuzingaqophelo lemisebenzi yezempilo oyitholayo. I-NHI kumele iqede ukwahlukana nokwezempilo phakathi kwabantu basemakhaya nabasedolobheni. Imisebenzi yezempilo yasemakhaya kumele, eqinisweni, kugxilwe kakhulu kuyo [3]. Lokhu kungasho ukwakha eminye imitholampilo nokuthenga amanye ama-ambulensi, kanye nokuthuthukiswa kwezikhungo nezimpahla ezisezikhungweni.
  • Ukuvikela kungcono kunokwelapha
    Ukuqalisa Ukubhalwa Ngaphambili Kwamgama Ezinto, kwenza uMgcinimafa andise Intela Yokusekela Ezempilo ibe ngama-20% futhi yandiswe ukuze ifake nazo zonke izinhlobo zeziphuzo nokudla okungenampilo. Phasisa uMthethosivivinywa Wokulawula Ugwayi unjengoba unje (Kodwa qinisekisa ukuthi ibandakanya izinhlelo zeNicotene Free Electronic Non-Nicoten Delivery Systems) ukuze kuncishiswe umthwalo ohlelweni lwezempilo nesabelomali. Lokhu kuzokwenza i-NHI isebenze kangcono ngokwezimali ngokusiza ukunciphisa izifo ezingasuleleki. Intela kashukela, ugwayi, ENNDS kanye notshwala ingakwazi nokusiza ukuxhasa i-NHI.


[1] http://www.health.gov.za/index.php/nhi
http://www.health.gov.za/index.php/national-health-insurance-right-menu?download=3583:bill-national-health-insurance-2019

[2] Uphenyo lweKhomishana Yezokuncintisana luveze ukuthi iningi imali ekhokhelwa izinhlelo zezempilo ezizimele kodwa umhlomulo muncane, kubhale uLaura Lopez Gonzalez weFin24, ngo-30 Septhemba 2019

[3] Ukuyithola noma ukungayitholi i-NHI, kubhale uLouis Reyenolds noDavid Sanders wenhlangano yezempilo yabantu baseNingizimu Afrika, ngo-Agasti 2019

[4] Ukugxila ku-NHI: Kungani i-NHI kumele igxile ekunciphiseni izindleko embonini ezimele kuqala, kubhale uJohn Ashmore weSection 27, ngo-Okthoba 2019.

[5] http://ohsc.org.za/ohsc-annual-inspection-report-for-the-public-sector-health-establishments-inspected-during-the-2016-17-financial-year/

*Iphosti yebhulogi yokuqala yokuhlaziya kwethu uMthethosivivinywa we-NHI kanye nalokho okudingeka ibe yikho ukuze isebenze ngempumelelo futhi ibe nenqubekela phambili*

UNgqongqoshe uZweli Mkhize wethule uMthethosivivinyo woMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) ephalamende. [1]I-NHI “UMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) iwuhlelo loxhaso lokunakekela ngokwezempilo olwakhelwe ukuqoqa imali yokuthenga nokuhlinzeka ngemisebenzi yokunakekela ngokwezempilo ekuzingaqophelo eliphambili nengambi eqolo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika esuselwa ezidingweni zezempilo zabo, noma ngaba baphila kwesiphi isimo sezenhlalomnotho.” [1] 

Ihlangabezane nemibono eminingi nexubile ephikisayo evela kuma-medical aid kanye namathimba anjenge-AfriFrorum. Iqiniso lethu liwukuthi nsukuzonke, izikhamizi zaseNingizimu Afrika eziningi azikwazi ukuthola imisebenzi yezempilo efanele.

Ukulinda isikhathi eside, ukuphelelwa imithi ebaluleke kakhulu, ukushodelwa impahla yasemitholampilo kanye nezisebenzi kuyinto evamile emitholampilo nasezibhedlela. Futhi ukuya kudokotela ozimele noma esibhedlela kubiza kakhulu futhi akuqinisekisi ukuthi kuba nokunakekelwa ngokwezempilo okuseqophelweni elifanele. Umbiko wekhomishana yezokuncintisana uveze ukuthi nakuba ukhokha kakhulu ezikhungweni zokunakekelwa ngokwezempilo ezizimele, imisebenzi ayanelisi, futhi iphethwe osomabhizinisi abanomhobholo abafuna ukuwola yonke imali [2].

Uma ingenziwa kahle, i-NHI ingaba yisinyathelo esibalulekile sokuqinisekisa ukuthi kuba nokunakekelwa ngokwezempilo okuseqophelweni eliphambili emitholampilo nasezikhungweni zezempilo eziyisisekelo, kanye nokuhlinzeka ngonompilo. Nazo zinamaphutha, njengoba kubonakele ezikhungweni obukuhlolwa uhlelo kuzo, yingakho kubaluleke kakhulu ukubumba uhlelo lwezempilo olukhulu kakhulu lwezakhamizi zaseNingizimu Afrika.

I-NHI ingaba wukuphela kwesinqumo esinzima okumele sithathwe izakhamizi zaseNingizimu Afrika eziningi, okuwukuthi zikhetha ukuthenga ukudla noma ukuthola usizo lwezempilo olwanelisayo.

I-NHI kumele ingagetshengwa ama-medical aid noma osomabhizinisi abanemihobholo. Abakuphikisa kakhulu wukuthi kubonakala kunokungakuthandi ukuthola usizo lwezempilo olufanayo nabantu abahluphekayo. Uhulumeni kumele athuthukise namandla akhe okuqalisa imisebenzi, ngaphandle kwenkohlakalo noma nokulawula ngokwamandla ngendlela engafanele, ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukwahluleka kwakhe akuyigebengu i-NHI.

UNgqongqoshe uZweli Mkhize kumele akhumbule ukuthi abantu abangama-84% abanawo ama-medical aid banendatha, isikhathi nemali encane yokwenza izethulo zomphakathi, nakuba kuyibo abathintwa kakhulu yi-NHI.

UMthethosivivinywa kwe-NHI uyadingeka, kumele usize abantu abaningi abahlwempu futhi ezinye zalezi zinto kumele zibandakanye lokho:

  • Uhlelo lomuntu oyedwa okhokhayo olunokukhokha kwangaphambili okuphoqayo:

Abacebile kumele bakhokhe isabelo esibafanele futhi kumele siwaqede ama-medical aid kanye nokuzuza kwezinkampani ezizimele. Uhlelo lokukhokha komuntu oyedwa olunokukhokha kwangaphambili luzosiza ukufeza lokhu ngokuhlanganisa yonke imali ibe sesikhwameni esisodwa okuzothenga futhi kukhokhelwa ngaso izinsiza zezempilo, ukuze kuhlangabezanwe nemigomo yezempilo emisiwe. Ukukhokha kwangaphambili okuphoqelekile kuphoqa bonke abantu ukuthi bakhokhe isabelo esifanele kulesi sikhwama esihlanganisile. Ingcebo eningi la eMzansi yakhiwa ngokuxhashazwa komhlaba kanye nabantu bethu, ngakho abacebile akumele baphume uma bebona kubalungele. Uhulumeni kumele bandise intela yengeniso ekhokhwa wumuntu ngamunye kanye nentela yengeniso ekhokhwa yizinkampani. Yithi abantu okudingeke ukuba sithwale umthwalo wokunyuka kwe-VAT.

  • Izimo ezisemqoka zokunqanda inkohlakalo, ukwandisa isibopho sokuphendula kanye nokuqeda ubugebengu

Ukungalingani nenkohlakalo kuxhumene, futhi e-SA, inkohlakalo itholakala kuzimboni ezizimele nezikahulumeni. Izinqubomgomo zezimo zokuphila ezinzisa kanye nezomnotho ezongayo angeke zikunciphise ukungalingani, kodwa imibono ebheke entuthukweni enjenge-NHI inganciphisa ukungalingani. 

Kodwa lokhu kuzofezeka inqobo uma isikhwama se-NHI sinesibopho sokuphendula futhi singeke sigetshengwe izimboni zomphakathi noma ezizimele. izindlela ezinjengokulawula zingaqinisekisa ukugunyazwa kwabahlinzeki bemisebenzi. Inqubo yokugunyazwa idinga ukuba ihambisane nemigomo ye-NHI ukuze kusizwe abantu, futhi abantu bahlinzekelwe ngokwezempilo ezidingweni zezempilo eziveziwe. izinhlangano zomphakathi kumele zibe nezindlela ezanele futhi zimelwe ukuze kunqandwe izinkampani zabanemihobholo, amaqola, osopolitiki abakhohlakele noma abaphathi abangenaso isibopho sokuphendula ekutheni besigebenge.

  • Ukuxhumanisa uhlelo lwezempilo eluminxambili

Sisekela ukususwa kohlelo lwezempilo oluminxambili olwenza abanye abantu bathokozele imisebenzi yezempilo kangcono kunabanye. Sisekela isikhwama se-NHI esikhokhela izikhungo ngqo zemisebenzi ukuze kungabi namuntu ongumxhumanisi ozoba wumthengi wemisebenzi yezempilo. Uhulumeni kumele endlale uhlelo lokulungisa izikhungo zezempilo zamanje ukuqinisekisa ukuthi  zikulungele ukubhekana nezidingo zezempilo zabantu. I-NHI kumele ithuthukise umkhakha wezempilo kahulumeni wethu ngokwandisa izinsiza, kanye neMigomo Esemqoka Kazwelonke kanye noHlelo Lomtholampilo Ofanelekile.

  • Ukwahlukana kwezempilo kwasemakhaya/nasemadolobheni

Indawo ohlala kuyo akumele ibe nomthelela kuzingaqophelo lemisebenzi yezempilo oyitholayo. I-NHI kumele iqede ukwahlukana nokwezempilo phakathi kwabantu basemakhaya nabasedolobheni. Imisebenzi yezempilo yasemakhaya kumele, eqinisweni, ithole uxhaso olukhulu.

  • Akekho umuntu ongekho emthethweni

Sisekela ukuthi i-NHI ihlinzekela abantu bokufika abacashe kuleli kanye nabantu bokufika bahlinzekelwe ezimweni zezempilo ezibonakala zikhathaza:. Nokho, ibashiya bengahlinzekelwe ezimweni zempilo ezibucayi, kanye nokungacacisi ngesimo sabantu bokufika abangabhalisiwe. INingizimu Afrika kumele ingabi nezinqubomgomo Ezicwasa Ngokobuzwe, futhi kubalulekile ukuthi i-NHI ingabonakali njengenye insiza esetshenziselwa ukushiya abantu bokufika besengcupheni futhi besengozini.

  • Ukuvikela kungcono kunokwelapha

Ukuqalisa Ukubhalwa Ngaphambili Kwamgama Ezinto nokwandise Intela Yekusekela Ezempilo ibe ngama-20% futhi yandiswe ukuze ifake nazo zonke izinhlobo zeziphuzo nokudla okungenampilo. Phasisa uMthethosivivinywa Wokulawula Ugwayi ukuze kuncishiswe umthwalo ohlelweni lwezempilo nesabelomali. Lokhu kuzokwenza i-NHI isebenze kangcono ngokwezimali.

  • Ukwandisa odokotela abaqondene nemikhakha ethile kanye nonompilo

Sidinga ukuthi kwandiswe onompilo. Onompilo kumele babe yingxenye ye-NHI futhi imali yesikhwama iye kubo. Odokotela ababhekana nemikhakha ethile yezempilo njengamanje basebenza ezimbonini ezimbonini ezizimele, futhi nge-NHI kungase kutholakale odokotela ababhekana nemikhakha ethile abahlukahlukene okuzonciphisa umehluko phakathi kwemboni ezomele nekahulumeni. Sisekela ukuthi bonke abantu manje sebezokwazi ukuthola odokotela abaqondene nemikhakha ethile kuncishiswe umehluko okhona phakathi kwezimboni ezizimele nezikahulumeni.

  • Lawula imboni yezempilo ezimele

Njengoba umbiko wakamuva kwekhomishini yezokuncintisana [3] iveza umhobholo wezinkampani ezizimele ezikhona ezingogombela kwesabo kanye nokunyuka kwezintengo obulimaza iziguli ekutholeni ukunakekelwa okunobulungiswa; kubalulekile ukuthi izimboni ezizimele zilandele imithethonqubo. Ukuhlinzeka abantu ngemisebenzi ehlinzekwa ezimbonini ezizimele nge-NHI akumele kubonakale njengalokho okuvele ezimbonini ezizimele njengokunye okungasetshenziswa okungaphezulu. Lokhu kubandakanya imboni yezokhiwa kwemithi eya emakhemese.

[1] http://www.health.gov.za/index.php/nhi   http://www.health.gov.za/index.php/national-health-insurance-right-menu?download=3583:bill-national-health-insurance-2019 

[2] Uphenyo lweKhomishana Yezokuncintisana luveze ukuthi iningi imali ekhokhelwa izinhlelo zezempilo ezizimele kodwa umhlomulo muncane, kubhale uLaura Lopez Gonzalez weFin24, ngo-30 Septhemba 2019

[3] Ukuyithola noma ukungayitholi i-NHI, kubhale uLouis Reyenolds noDavid Sanders wenhlangano yezempilo yabantu baseNingizimu Afrika, ngo-Agasti 2019

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo