Imigomo Nemibandela
- Ikhaya
- Imigomo Nemibandela

I-amandla.mobi iyinhlangano emele eqonde ukwakha Umzansi (iNingizimu Afrika) onobulungiswa osekelwe abantu. Le Migomo Yokusebenza yendlala imigomo ongasebenzisa ngayo iwebhusayithi yethu ukuqala imikhankaso, ukusayina imikhankaso kanye nokuhlanganyela namanye amalungu e-amandla.mobi. Ngokubhalisela ukujoyina umkhankaso, ukuba ngohlelayo, ukuqala umkhankaso kuwebhusayithi yethu, ukujoyina iqembu le-amandla.mobi nokukhetha ukungena kuwebhusayithi yethu, uveza ukuthi uyayamukela le Migomo Yokusebenza futhi uyavuma ukuyilandela. Sinelungelo lokuyisusa imikhankaso noma izimvo ezingahambisani nezimiso zenhlangano yethu.
feels like there should be a comma here… emele umphakathi, ezimele,
1. UKUSEBENZISA IWEBHUSAYITHI YETHU
1.1 Iwebhusayithi yethu ingeyokuba uyisebenzisele imisebenzi eqondene nomuntu siqu futhi engasiyo eyokuthengisa.
1.2. I-amandla.mobi ayiyisekeli noma ayiyigunyazi imikhankaso noma okuqukethwe okukhiqizwe amalungu kuwebhusayithi yethu.
1.3. Kumele usebenzise iwebhusayithi yethu ngokwale Migomo Yokusebenza ngezinhloso ezihambisana nomthetho kuphela futhi kube yindlela engawalimazi noma engawanqandi noma engawathiyi amalungu omunye umuntu osebenzisa iwebhusayithi yethu.
1.4. Akuvumelekile ukuqoqa amakheli e-imeyli, izinombolo zocingo noma olunye ulwazi oluqondene ngqo nabanye abasebenzisi bewebhusayithi yethu ngezinhloso zokuthumela imiyalezo engadingeki yezokuthengisa noma ngezinye izinhloso.
1.5. Sivamile ukubuyekeza kanye nokulungisa iwebhusayithi, ngakho singase simise ukufinyelela, imisebenzi, noma ukusebenza kwayo okwesikhashana ngezikhathi ezithile ngaphandle kwesaziso. Singethweswe cala, nganoma esiphi isizathu, ngenxa yokungatholakali kwewebhusayithi yethu noma kunini noma singaba singakanani isikhathi.
1.6. Singabanikazi noma sinelayisense yamalungelo obunikazi bolwazi okuqukethwe kuwebhusayithi yethu.
1.7. Ngokusebenzisa le webhusayithi, uqinisekisa ukuthi uneminyaka engaphezu kweyi-18. Angeke siyisebenzise imininingwane yomuntu oneminyaka engaphansi kweyi-18 sazi. Uma sithola noma siba nesizathu sokukholwa wukuthi uneminyaka eyi-18 nangaphansi futhi sigcine ulwazi oluqondene nawe siqu, sizolusula lolo lwazi esikhathini esifanele futhi singakuvumeli ukuba usebenzise imisebenzi yethu.
1.7.1. Ulwazi oluqondene nomuntu siqu lulungiswa ngokususela ezintshisekelweni zomuntu ngamunye ezisemqoka. Umthetho osebenzayo usivumela ukuthi silungise ulwazi lomuntu siqu ezimweni eziphuthumayo (isib. ukuphila noma ukufa).
1.7.2. Uyavuma ukuthi awuzukusebenzisa, uchibiyele noma wakhe umsebenzi osuselwe kokunye okuqukethwe ngaphandle kwalokho okuqondene nomuntu siqu okungasikho okokuthengisa noma okokufundisa. Ukusebenzisa ngenye indlela kudinga imvume ebhalwe ngaphambilini ye-amandla.mobi evela enhlanganweni, noma abanye abahlonziwe abanegalelo abaziswe njengababhali bokuqukethwe.
2. INQUBOMGOMO YOBUMFIHLO
2.1. Silungisa ulwazi ngawe ngokwenqubomgomo yobumfihlo yethu. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu kanye/noma amashaneli emobile yethu, uyavumelana nokulungiswa kolwazi futhi uyavuma ukuthi yonke imininingwane oyihlinzekile iyiyonayona. Sicela ufunde iNqubomgomo Yobumfihlo ye-amandla.mobi ihambisane nemigomo yokusebenza ku-www.amandla.mobi
3. OKUQUKETHWE KWAKHO
3.1. Uyavuma ukuthi yonke imibhalo, izithombe kanye nokunye okuqukethwe okuthumele kuwebhusayithi yethu, okubandakanya amasayithi ancike kuyo, kungumsebenzi wakho ngqo futhi/noma okuqukethwe kwakho kubandakanya imibhalo, izithombe noma okunye okuqukethwe okungokomunye, uyaqinisekisa ukuthi unelayisense yokukusebenzisa nokukhiqiza kabusha lokho okuqukethwe kuwebhusayithi yethu futhi/noma ugunyazwe ngokufanele.
3.2. Uyaqonda futhi uyavuma ukuthi singase, ngokwesinqumo sethu sodwa futhi ngaphandle kwesaziso, sihlele futhi/noma sisuse umkhankaso owuqalile kuwebhusayithi yethu noma okuthile kokuqukethwe kwakho esikholwa wukuthi kuphula le Migomo Yokusebenza noma okungase kuphoxe, kungabi semthethweni, kuhlaze, noma kuphule amalungelo, noma kubeke engcupheni amalungelo okuphepha, abanye abantu.
3.3. Ngokuthumela okuqukethwe kwakho kuwebhusayithi yethu, unika i-amandla.mobi kanye nezinhlangano ezibambisene nathi imvume engapheli, engenakuguquka, esebenza emhlabeni wonke, engakhokhisi futhi evulelekile yokusebenzisa, ukuchibiyela, ukukhiqiza kabusha, ukushicilela, ukusakaza, ukukhuluma, ukuveza kanye nokudlulisa nganoma iyiphi indlela, kusetshenziswa noma iluphi uhlelo, ngezinhloso zokwazisa ngomkhankaso wakho.
3.4. Sinalo ilungelo lokususa igalelo noma umcimbi womsebenzisi nganoma isiphi isizathu. Lokhu kuyisinqumo esizophokophela kuso ngaphandle kokuchema, kodwa ekugcineni isinqumo esincike kithi kuphela.
4. UKUVALA I-AKHAWUNTI YAKHO
4.1. Singamisa noma sikhansele i-akhawunti yakho, okubandakanya ukufinyelela kunoma imaphi amashaneli emobile ethu, uma wehluleka wukulandela izibopho zale Migomo Yokusebenza.
4.2. Uma i-akhawunti yakho imisiwe noma ivaliwe nganoma isiphi isizathu, angeke ukwazi ukufinyelela ku-akhawunti (okubandakanya okuqukethwe kwakho).
4.3. Ithimba le-amandla.mobi lizonquma, ngokwamandla alo, ukuthi ingabe kube khona na ukuphulwa kwale Migomo Yokusebenza ngokusebenzisa kwakho isayithi. Uma kube nokuphulwa kwemigomo, singathatha izinyathelo esibona zifanele, okubandakanya kodwa kungagcini kokulandelayo:
4.3.1. ukuhoxisa ngaleso sikhathi, okwesikhashana noma unomphela ilungelo lakho lokusebenzisa iwebhusayithi ye-amandla.mobi.
4.3.2. ukuxoshwa ngaleso sikhathi, okwesikhashana noma unomphela kusukela kumashaneli emobile oyilungu lawo;
4.3.3. ukususa ngaleso sikhathi, okwesikhashana noma unomphela imininingwane ethunyelwe noma efakwe nguwe kuwebhusayithi yethu noma
4.3.4. izinyathelo zomthetho obhekene nazo ukuze ubuyisele zonke izindleko ezivele ngenxa yokuphula kwakho imithetho ngokwenqubo yokuzihlangula.
5. UMTHWALO
5.1. Usebenzisa iwebhusayithi ye-amandla.mobi ngokwakho.
5.2. Sihlinzeka ngewebhusayithi yethu “injengoba injalo”. Asethembisi noma asiqinisekisi ukuthi imisebenzi yebhusayithi yethu izizovikeleka, ibe yimfihlo, ingaphazamiseki, ingabi naphutha, ibe yiyonayona, iphelele noma ibe ngeyesimanje.
5.3. Ngaphandle kwalapho sehluleka wukususa umthwalo wethu ngokomthetho, angeke sikwazi ukwethembela kuwe nganoma ikuphi ukulahlekelwa noma umonakalo ovela ngakho, noma oxhumene nokusebenzisa kwakho (okubandakanya ukungakwazi ukusebenzisa) iwebhusayithi yethu.
5.4. Sishiya umthwalo wethu nganoma ikuphi ukulahlekelwa noma umonakalo wenzuzo, ukulahlekelwa noma ukumoshakala kwemininingwane, ukulahlekelwa kokukhethekile, okuyisibonelo, okujezisayo, okuzenzekelayo, okungaqondile noma okudalekile noma okuqubukile maqondana newebhusayithi yethu noma okuxhumene nanoma esiphi isenzo noma esingakwenzile.
5.5. Asizukuthwala umthwalo wakho nganoma imuphi umthwalo, isinyathelo, isicelo sesinxephezelo, ukulimala, ukulahlekelwa noma umonakalo obhekene nawo noma ovelile maqondana nobulungu bakho noma ukubamba iqhaza emisebenzini ehlelwe noma eqalwe i-amandla.mobi.
5.6. Amagama, izithombe kanye namalogo ahlonza i-amandla.mobi noma abanye abaseceleni abachazwe kuwebhusayithi kanye/noma kumashaneli emobile ethu kanye nemikhiqizo yawo kanye nemisebenzi kungase kubhekane nelungelo lokukopisha, amalungelo edizayini noma amalungelo etrademark. La matrademark akanakukhiqizwa kabusha ngaphandle kwemvume yabanikazi abafanele. Akukho okuqukethwe kule migomo yokusebenza okuyothathwa ngokuthi kunelayisense noma ilungelo lokusebenzisa noma iyiphi itrademark, ilungelo ledizayini noma ilungelo lokukopisha le-amandla.mobi noma abanye abaseceleni.
6. UKUXHUMANA NAMASAYITHI ASECELENI KANYE NEMITHOMBO
6.1. Iwebhusayithi yethu ingaba namalinki amasayithi aseceleni kanye nemithombo. Asikwazi ukulawula lawo masayithi futhi angeke sibe namthwalo nganoma ikuphi ukulahlekelwa noma umonakalo ongabhekana nawo ongavela lapho usebenzise isayithi eseceleni noma umthombo.
6.2. Asiwavumeli amalinki amasayithi emikhankaso eseceleni emikhankasweni yethu noma kuma-imeyli owathumela kwabasayine imikhankaso yakho. Lokhu kudida abantu futhi kuvame ukungabi nemiphumela elindelekile. Sinelungelo lokususa noma lokuhlela imikhankaso noma ukususa noma ukuhlela ama-imeyli axhumana nemikhankaso yabaseceleni uma kuphulwa le migomo.
7. IMINIKELO YAKU-INTHANETHI
7.1. Ukwamukela iminikelo ye-inthanethi: i-amandla.mobi yamukela iminikelo yaku-inthanethi ngenkundla eseceleni, iGivenGain isebenzisa ifomu lokunikela laku-inthanethi. Kungaba umnikela okhishwa kanye noma nyangazonke uye ku-amandla.mobi lapha.
7.2. Inqubomgomo yobumfihlo yomnikeli: i-amandla.mobi iyothatha zonke izinyathelo ezifanele ukuvikela ulwazi oluqondene ngqo nawo wonke amalungu ayo kanye nabasebenzisi ngokwemigomo yobumfihlo yethu. Nokho, ngokwenqubomgomo yeminikelo yethu, iminikelo engaphezu kwezi-R10,000, sishicilela umthombo kuSitatimende Sezimali Sonyaka sethu kuwebhusayithi yethu.
7.3. Irisidi lentela: i-amandla.mobi ikhipha izitifikeli zentela ngendlela yobuchwepheshe (izitifiketi zesiGaba 18A) ekupheleni konyaka ngamunye. Iminikelo eyi-R100 noma ngaphezulu ngonyaka ifanelekile ukuthola irisidi lentela.
8. UKUSETSHENZISWA KWESAYITHI YETHU NGAPHANDLE KWASENINGIZIMU AFRIKA
8.1. Njengoba samukela zonke izivakashi kule sayithi, asinakuqinisekisa ukuthi iwebhusayithi ifanelekile noma ingatholakala ukuze isetshenziswe noma kuphi. Labo abavakashela iwebhusayithi bengaphandle kwaseNingizimu Afrika banomthwalo wokulandela yonke imithetho esebenzayo.
9. IMIGOMO EWUJIKELELE
9.2. I-amandla.mobi izinikele ekuhlinzekeni ngendawo yokusebenza ephephile nenenhlonipho kuzo zonke izisebenzi zethu. Lokhu kusho ukuthi sinelungelo lokuvala i-akhawunti yakho, umkhankaso, noma ubudlelwano uma ungahloniphi, uhlukumeza noma wesabisa isisebenzi esiyilungu lethimba le-amandla.mobi. Lokhu kubandakanya, kodwa kungagcini, ngendlela yokuziphatha enjengokuthetha, ukuthumela ulwazi kuma-akhawunti akumithombo yezokuxhumana omuntu siqu, ukuhlukumeza noma ukuzama ukusongela, ukudala ukuzisola noma ukunxenxa ithimba lezisebenzi zethu ukuze libeke phambili umkhankaso kunokuseqhulwini kumalungu e-amandla.mobi..
9.2. I-amandla.mobi inelungelo lokushintsha noma imuphi noma yonke le migomo yokusebenza kanye/noma ukufaka imigomo yokusebenza emisha noma kunini. Uma sesikwenzile lokho, sizokwenza ikhophi entsha yale Migomo Yokusebenza ezotholakala kuwebhusayithi yethu. Kulindeleke ukuthi uvame ukuhlola leli khasi ukuze ubone ushintsho esilwenzayo. Ukuqhubeka kwakho ukusebenzisa iwebhusayithi yethu kuzothathwa ngokuthi uyaluvuma lolu shintsho.
9.3. Akumele ushicilele noma usebenzise ingxenye yale mibhalo yemandla ngezinhloso zokuthengisa, iwebhusayithi ye-.mobi noma amashaneli emobile enhlangano ngaphandle kokuthola imvume ebhaliwe yethu.
9.4. Uma wazi ngalokhu kuphulwa kweMigomo Yokusebenza noma okunye ukusetshenziswa ngokungafanele kwewebhusayithi ye-amandla.mobi kanye/noma amashaneli emobile, sicela wazise ithiba ngokubhaliwe ku-hola@amandla.mobi.
9.5. Le Migomo Yokusebenza ibhalwe isivumelwano esiphelele phakathi kwakho nathi maqondana nokusebenzisa kwakho iwebhusayithi yethu futhi ingaphezu kwazo zonke izingxoxo nokuxhumana kwangaphambili.
9.6. Abukho ubudlelwano bokusebenza, ukubambisana, ukuba yi-ejensi noma ukuphathelana umsebenzi phakathi kwakho nathi.
9.7. Le Migomo Yokusebenza iyolawulwa futhi iqhuthwe ngokwemithetho yaseNingizimu Afrika, futhi noma ikuphi ukuphikisana okuqondene nayo kuyobhekana nezinkantolo zezwe.
9.8. Izikhalo Zakho: Uma unezikhalo ngokuqukethwe kuwebhusayithi kanye/noma kumashaneli emobile, sicela uxhumane ne-amandla.mobi Supporter Care ku-:
I-imeyli: hola@amandla.mobi
Ucingo/ i/WhatsApp: 0694403192
(Usuku lokubuyekeza kokugcina: 24 Okthoba 2024)