Ingabe i-amandla.mobi ihambisana neqembu lezombusazwe elithile?
I-amandla.mobi iyinhlangano ezimele yezishoshovu, engancikile noma engahambisani naqembu lezombusazwe. Njengoba singasekeli qembu lezombusazwe, alukho uxhaso esiluthola kuwo, sisekela izinqubomgomo ezincike ezimisweni.
Ixhaswa kanjani i-amandla.mobi?
Phezu koxhaso oluvela kumalungu e-amandla.mobi, i-amandla.mobi iphinde ithole uxhaso oluvela ezikhungweni ezihambisana nezimiso zayo. Cofa lapha ukuze uthole olunye ulwazi ngoxhaso lwethu.
Ngiwuqala kanjani umkhankaso wami?
Sethule inkundla yemikhankaso yomphakathi ebuzwa nge-awethu.mobi. I-awethu.mobi iyinkundla yakho yokuqhuba imikhankaso ngezinkinga onentshisekelo ngazo, futhi ithimba lethu lizokusekela lapho uyisebenzisa. Cofa lapha ukuqala umkhankaso.
Kungisiza ngani ukuba sohlwini lwalabo enibathumelela ama-imeyli?
Izincwadi esizithumela nge-imeyli ziya kulabo abenze okuthile kuwebhusayithi yethu. Amakheli e-imeyli asiwatholi kwezinye izinhlangano eziseceleni. Uma ukhetha ukungawatholi ama-imeyli ethu, ungakhetha ukuphuma ohlwini lwababhalelwayo noma kunini. I-imeyli ngayinye evela kithi iqukethe ilinki yokuphuma ohlwini lwababhalelwayo, noma ungasithumelela i-imeyli ku-hola@amandla.mobi
Ingabe i-amandla.mobi ihambisana neqembu lenkolo ethile?
I-amandla.mobi ayincikanga noma ayihambisani naqembu lezenkolo, futhi azikho izimfundiso zenkolo esizikhuthazayo.
Ingabe i-amandla.mobi iyinhlangano yezobuchwepheshe?
I-amandla.mobi isiza abantu bakulo lonke izwe bakwazi ukuhlangana ezimweni ezibucayi ukuze bathathe izinyathelo eziphokophele emgomweni, ezihlelwe ngokuhlanganyela futhi ezisekelwe ngamaqhingasu ukuze benze ushintsho lwangempela. Ubuchwepheshe bungezinye zezinsiza esizisebenzisela ukwenza lokhu, kodwa kugcina lapho, insiza. Amandla angempela e-amandla.mobi awukuthi WENA uthathe isinyathelo usebenzisana nabanye abantu.
Niyivikela kanjani imininingwane yami?
I-amandla.mobi ihambisana ngokuphelele noMthetho Wokuvikela Kolwazi Oluqondene Nomuntu Siqu (i-POPIA) futhi isebenzisa izindlela zezokuphepha ezifanele ukuvikela imininingwane eqoqwe kule sayithi. Ukuze uthole olunye ulwazi, sicela uvakashele Inqubomgomo Yezobumfihlo yethu.
Ingabe i-amandla.mobi iyiqembu lezombusazwe?
I-amandla.mobi ayincikanga noma ayihambisani naqembu lezombusazwe futhi ayitholi xhaso oluvela eqenjini lezombusazwe.
Ingabe niyingxenye ye-Sassa?
I-amandla.mobi ayincikanga ku-Sassa futhi ayisebenzisani ne-Sassa. Siyinhlangano encane yezishoshovu eqhuba izikhalo, okubandakanya umkhankaso we-R350/BIG.
Ngenza njani ukuze ngiye yilungu le-amandla.mobi?
Ungaba yilungu ngokubamba iqhaza kweminye yemikhankaso yethu kanye nangokusayina esinye sezikhalo zethu lapha.
I-amandla.mobi ikhankasela hlobo luni lwezinkinga?
i-amandla.mobi ikhankasela izinkinga ezithinta abantu abaMpisholo, kube kugxilwe kubantu besifazane abaMpisholo abahola nabenza imali encane. Imikhankaso yethu iyahlukahlukana kusuka kubulungiswa kwezomnotho nokuvikeleka kokutholakala kokudla kuya esibophweni sokuphendula sezinkampani. Ungabona eminye yemikhankaso yethu lapha.
Ngingasebenza kanjani e-amandla.mobi?
Ungangena ubone imisebenzi yethu ekhasini le-amandla.com lapha ukuze ubone izikhala zemisebenzi ezikhona.
Nginikela kanjani ku-amandla.mobi?
Unganikela ku-amandla.mobi ngokugcwalisa ifomu loxhaso lapha.
I-amandla.mobi iwenza kanjani umehluko?
I-amandla.mobi yenza umehluko ngokusimamisa abantu ukuze basebenzise izinsiza zobuchwepheshe zokwenza abaholi babe nesibopho sokuphendula futhi kwenzeke umehluko emphakathini.