Buyisani uLeigh-Ann

I-amandla.mobi iphikisa ukuphazanyiswa kweWomen’s Boat eGaza futhi ithi makudedelwe abesifazane ababegibele, okubandakanya uLeigh-Ann Naidoo waseNingizimu Afrika.

Inhlangano yomphakathi iyazi ngokuphazanyiswa kweWomen’s Boat to Gaza (i-WBG) yi-Israyeli, iqembu labesifazane abaqhuba izikebhe bezama ukuhlukanisa ukuvinjwa ngama-Israyeli okungekho emthethweni okwenzeka kuPalestanian Gaza Strip.

“Sibona kungamukelekile ukuthi nakuba kunezisongo zomphakathi ezenziwa yi-Israyeli, singashiyi ukuthi omunye wamavolontiya obekhona uyisakhamuzi saseNingizimu Africa, uLeigh-Ann Naidoo owayedlala kuma-Olympian futhi oyisishoshovu, uMnyango Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe (i-DIRCO) usathulile” kusho uKoketso Moeti, umqondisi omkhulu we-amandla.mobi.

Izinhlangano zozimbili kanye nabantu abazimele bathi umhlaba wonke, okubandakanya uhulumeni oholwa i-ANC, mabanxuse ukuthi kuqinisekiswe ukuthi ufika ekhaya ephephile, futhi bamelene nokuvinjwa kweGaza okungekho emthethweni okwenziwa u-Israyeli. IZaytouna beyihamba emanzini amazwe ngamazwe ngendlela esemthethweni kungekho lutho oluyingozi, ingaphikise lutho noma ingaphethe zikhali

UMoeti unxusa iHhovisi Likamongameli lase-SA ukuthi lithathe izinyathelo eziphuthumayo zokuqinisekisa ukuphepha kwaba bonke abantu besifazane abakulo msebenzi, okubandakanya uLeigh-Ann Naidoo. Kusemqoka ukuthi uhulumeni wase-SA avikele izakhamuzi zakhe ngendlela efanele.

NgokoPhiko Lwezokuvikela Lwakwa-Israyeli (i-IDF), isikebhe besilaulwa ngendlela engenadlame noma ukuphikisana nezishoshovu eziyi-13 ebezigibele kuso. Kuyadumaza ukuthi nakuba kunabashonile ngenxa yobugebengu basolwandle obungekho emthethweni bakwa-Israyeli emanzini amazwe ngamazwer, iqembu lakwa-Israyeli liphinde lenza ubugebengu. Khona manjalo, alikho izaba elingabekwa yiNhlangano Yezizwe kanye noMkhandlu Wezokuvikela wayo ngokuhluleka wukuxwayisa ama-Israyeli ukuthi angaqhubeki nokusongela i-WBG.

“Ngakho sinxusa iHhovisi Likamongameli lase-SA ukuthi lithathe izinyathelo eziphuthumayo zokuqinisekisa ukuphepha kwaba bonke abantu besifazane abakulo msebenzi, okubandakanya uLeigh-Ann Naidoo. Kusemqoka ukuthi uhulumeni wase-SA avikele izakhamuzi zakhe ngendlela efanele” kuphetha uMoeti.

Amazwe omhlba, okubandakanya uhulumeni oholwa yi-ANC, kumele banqande u-Israyeli ekwenzeni lobu bugebengu ebantwini, ubugebengu evame ukubenza bese ingajeziswa nhlobo.

Isiphetho/

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo, xhumana

noKoketso Moeti

082 583 5869 / koketso@amandla.mobi

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo