Inhlangano yomphakathi ithi iRobertson Winery mayikhishwe kuWineX

IRand Merchant Bank WineX Festival iqala ngoLwesithathu, mhlaka 26 Okthoba 2016 eSandton Convention Centre lapho iRobertson Winery izokwendlala imikhiqizo yayo – ngelanga elizoba ngeviki lesi-9 abasebenzi beRobertson Winery bebhikishela amaholo ahambisana nokuphila.

Njengamanje izisebenzi zabo zihola i-R2,900 –  R3,500 ngaphambi kokudonsa kwezindleko.  Lokhu kwenzeka ezweni elidinga iziR3,027 ngenyanga ukuze kondliwe imindeni anamalungu amahlanu ngokudla okunomsoco kungakabalwa izidingo ezinjengemfundo, izimonyo kanye nezokuthutha.

“Yindelelo enkulu le ebhekiswe kuzisebenzi njengoba iRand Merchant Bank isekela amaholo ezigqila, lapho abasebenzi becele umphakathi ukuthi ubesekele,” kusho uMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi, uKoketso Moeti.

Ikakhulukazi njengoba lokhu kwenzeka lapho izitolo zaseDenmark sikhipha amawayini aseNingizimu Afrika emashalofini azo, emuva kokubuka idokhumentari eveza izimo zezisebenzi zasemapulazini aseNingizimu Afrika. Idokhumentari, ithi, Bitter Grapes – Slavery in the vineyards, documents violations of labour laws and worker conditions.

“Akukholakali ukuthi izinhlangano zakwenye indawo ziyenqaba ukusekela ukuxhashazwa, lapho izinkampani eziseNingizimu Afrika zingakwazi ukwenza njalo nazo futhi ziqhubeke nokuqongelela ingcebo ngokusebenzisa izinkundla ezinkulu njengalezi,” kusho uMoeti.

Kwethusa kakhulu njengoba u-CEO we-RMB Holdingsa ne-RMI Holdings, uHerman Bosman, engomunye wabasayine isethembiso esithi umelene nokungabibikho kobulungiswa futhi usekela “ubulungiswa bomphakathi noguquko ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukuba yizwe elingelabo bonke abaphila kulo ngempela.”

Ngokuhlanganyela kweRobertson Winery kuWineX, kubonakala ukukhohlisa kwalabo abasayine isethembiso njengoba kuyizo lezo zinkampani ezihluleka ukwenza ezikushilo okwenza lokho ezakusho kube yize.

Bheka umkhankaso lapha.

Iyaphela/

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo, xhumana nathi:

Koketso Moeti

082 583 5869

koketso@amandla.mobi

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo