I-amandla.mobi isekela umyalelo wokuHlelo Olungokweqhingasu Likazwelonke eliqondene nodlame olusekelwe ngokobulili

Ngomhla ka-8 Agasti i-amandla.mobi indawonye neSonke Gender Justice yazama ukudlulisela umkhankaso, osekelwe abantu abayizi-3, 000, owumyalelo wokuba kube nokuzinikela ekuthuthukiseni nasekuqalisweni kweqhingasu Likazwelonke eliqondene nodlame olusekelwe ngokobulili (i-GBV).

UNgqongqoshe wahambela ‘i-SheEO Sleepout’ ngosuku okwethulwa ngalo umkhankaso. Ngokwewebhusayithi yabo, i-SheEO Sleep Out yayihlose “ukuqwashisa, ikhuthaze ukubamba iqhaza nokunxenxa izwe ukuthi lisekele futhi lihlomise imiphakathi ebuthaka”. UNgqongqoshe uSusan Shabangu kubikwe ukuthi ucele ukuthi indawo nosuku kushintshwe ukuze umcimbi “usetshenziswe njengensiza yokuqwashisa ngodlame olusekelwe ngobulili”.

“UNgqongqoshe, owethenjwe ukuba asekele abasinde ku-GBV kumele enze okungaphezu kokuqwashisa. Kumele asebenzise amandla esikhungo sakhe ukubhekana nenkinga enkulu abantu besifazane ababhekene nazo”, kusho uKoketso Moeti, umqondisi omkhulu we-amandla.mobi

Kusobala ukuthi abantu bayakhuthazwa ukuba bathathe isinyathelo, izinkulungwane zisekela imiyalelo yezinhlangano ezinjengeSonke Gender Justice ebezibambe izintambo kulolu daba.

Siyazi ukuthi uMnyango Wabantu Besifazane uzobamba imihlangano yokuxoxa nge-GBV nokuthi umqondo okuzokhulunyelwa phezu kwawo kulokhu wukuthi udlame olubhekiswe kubantu besifazane lubekwa eqhulwini eMnyangweni wakhe, okwehluke kakhulu kulokho akusho ngaphambilini.  Kodwa khona manjalo, siyazi ukuthi izinyathelo zomnyango bezingahambisani nalokhu kanye nokuthi akuphethwe njengesimo esiphuthumayo njengokufaneleka kwaso.

“Nakuba singavunyelwe ukuba singene eConsitutional Hill ukuzokwethula umkhankaso kuNgqongqoshe, sizoqhubeka nokuyalela umnyango ukuba uqinisekise ukuthi izisulu zodlame zihlinzekelwa ngemisebenzi engcono, yokubhekana nesakhi esiyisisekelo esisemqoka sokuvikelwa i-GBV kanye nokuqaliswa kwezinhlelo zokuvikela ezidingida izinqubo zobulili kanye nodlame oluvela kubantu besilisa” kusho uKoketso Moeti.

“Iwashi liyahamba kwezempilo yabantu besifazane, kusobala ukuthi kusadingeka kuqiniswe ukuqapha. Njengoba umbiko ngamunye ngomuntu wesifazane obulawe umuntu wesilisa uveza, imiphumela yokungenzi lutho ingaba wukufa” kuphetha uMoeti.

Isiphetho/

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo, xhumana nathi :

Koketso Moeti

082 583 5869

koketso@amandla.mobi

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo