Ukudlalwa kokuqala kwefilimu laseNingizimu Afrika le-LGBTIQ elithi Under the Rainbow

Hlanganyela nomqambi wamafilimu waseNigeria uPamela Adie owumuntu wesifazane othandana nanye abantu besifazane eBraamfontein Werf ngo-Okthoba 12, 2019, lapho kuzobe kubukwa ifilimu eyidokhumentari yakhe emphakathini waseNingizimu Afrika okokuqala ngqa ebizwa ngokuthi ‘Under the Rainbow’.

Nakuba zikhona izimpawu zenqubekela phambili, njengokucwaselwa ukuthandana nabantu bobulili obufana nobakhe eBotswana, impilo yomphakathi wama-LGBTIQ emazweni amaningi ase-Afrika isanzima – inanobungozi.

Yilokho okugqanyiswa nokuphosela inselele u-Adie kudokhumentari yakhe, esebenzisa uhambo lwakho lokuzithola ukuthi ungubani ukuqalisa ingxoxo ngokuphumela obala.

Ukudlalwa kwefilimu kuzolandelwa yingxoxo no-Adie, njengamanje obhekene nenqubo yezomthetho emuva kokuchithwa kokubhaliswa kwenhlangano yakhe, ‘iLesbian Equality and Empowerment Initiatives’ ngenxa yezizathu zokucwaswa abantu abathandana nabantu abanobulili obufana nobabo.

Uzojoyina uSibongile Ndashe, onhlangano yakhe imele u-Adie, kanye nomakadebebona wesishoshovu uPhumi Mtetwa. Bendawonye bazohlola izinkinga ezivele efilimini kanye nesidingo sokubumbana kwamazwe ngamazwe, kusetshenziswa icala lika-Adie njengesiqalo.

Kudokhumantari, u-Adie ukhuluma ngalokho abhekana nakho futhi uvezela ababukeli ngokwesimo sakhe ngqo ukuthi kunjani ukuba umuntu wesifazane othandana nabanye abantu besifazane emphakathini ocwasa abantu abathandana nabantu abanobulili obunjengobabo. Ibheka ukukhishwa inyumbazane okungaba khona uma umuntu elandela inhliziyo yakhe – ukudelelwa, ukunyanywa nokulahlwa abantu abaseduze nawe abathi bayakuthanda.

“Kuyintokozo enkulu kithi ukusingatha ngokuhlanganyela ukubuka kanye nezingxoxo nozakwethu abahambisana nezimiso zethu. Akusiyo imfihlo ukuthi i-amandla.mobi ibuke ukuhlanganisa amazwe ahlukene, ngakho kithi kubalulekile ukuthi singagcini ngokwazi okuqhubeka kwamanye amazwekazi, kodwa sivulelekele amathuba okubumbana nabantu bakwamanye amazwe,” kuchaza uMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi uKoketso Moeti.

“Sikulangazelele ukwamukela uPamela, onedokhumentari ebalulekile eqinisekisa ubukhona babantu besifazane abathanda nabanye abantu besifazane baseNigeria, izinkinga zabo ezivame ukugqunywa”, kusho uMoeti.

Iminingwane yokubukwa kwefilimu iyalandela:

Usuku: 12 Okthoba 2019

Isikhathi: 16:00

Indawo: AFDA, 41 Frost Avenue, Braamfontein Werf

I-Under The Rainbow ebhalwe, yaqondiswa, yakhiqizwa uPamela Adie, yashuthwa icinematographer eyawina izindondo u-Oluseyi Asurf. I-trailer ingabukwa lapha.

Umbhalo oqondene nabahleli: i-amandla.mobi iyinhlangano emele umphakathi ezimele eqonde ukwakha Umzansi onobulungiswa osekelwe abantu.

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo:

Koketso Moeti

UMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi:

Iselula: +27 82 583 5869

I-imeyli: koketso@amandla.mobi

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo