I-amandla.mobi iwathe njo amehlo ku-ICASA ukuthi yehlise intengo yedatha futhi ivikele abathengi

Ukungabibikho kwedatha ebiza kahle kuzothiya abantu bangakwazi ukuthola imisebenzi esemqoka kulesi sikhathi sobuchwepheshe, kusho ithimba labamele umphakathi i-amandla.mobi. I-amandla.mobi yamukele imithethonqubo ehlongozwa yi-Independent Communications Authority of South Africa (i-ICASA) yokusekela ukwehliswa kwentengo yokuthola idatha kanye nezokuxhumana. Njengenhlangano omsebenzi wayo ugxile kubantu besifazane abampisholo basemiphakathini edla imbuya ngothi, isikhalo senhlangano sibe sekutheni abantu abadla imbuya ngothi […]