Izithasiselo bekumele zingasahoxiswa

I-amandla.mobi idumele ngokuthi izithasiselo zizophela ekupheleni kukaNovemba. Ukuvalwa kokusebenza kwezwe ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19 kudale ukulahlekelwa yimisebenzi emindenini eminingi esengcupheni yokubhekana nendlala1. Uhlaziyo lwemininingo ye-NIDS-CRAM2 luveza ukuthi isithasiselo kanye nezabelo ezintsha ezethuliwe bezisekele abampofu futhi ziqeda ububha3. Abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-30 abaphila emizini eholwa abantu besifazane bazolimala kakhulu. Ngokusho kukaMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi, uKoketso Moeti, “kwenzeka kanjani […]