Bangaphezu kwezi-49 000 abantu abashayele uhulumeni ukuthi abambe intela yabacebile ukuze kuxhaswe izindlela zokusiza abantu abampofu.

Ngaphambi kwenkulumo yesabelomali kaNgqongqoshe Tito Mboweni, inhlangano yokumelela umphakathi i-amandla.mobi yethule umkhankaso wokuthi abacebile mabakhokhiswe intela yokuphumelelisa izindlela zokungenelela kusizwe izigidi zabantu baseMzansi abaxakwe umthelela wobhubhane lwe-COVID-19. Usekelwe ngabantu abangaphezu kwezi-49 000 umkhankaso, izimfuno zawo ezisemqoka wukuthi kuphuthunywe kwandiswe iNtela Yomholo Yomuntu Ngqo (i-PIT) ebantwini abahola imali engaphezu kwesigidi esisodwa samarandi, futhi kube nesibopho sokwethula […]