Amasiginesha abantu abayizi-58 000 abacela ukuba kwelulwe futhi kwandiswa Isibonelelo se-SRD esingu-R350 adluliselwe komele iHhovisi LikaMongameli
Amasiginesha abantu abayizi-58 000 acela ukuba kwelulwe futhi kwandiswe isibonelelo esingu-R350 adluliselwe komele iHhovisi LikaMongameli eziNdlini Zombuso (e-Union Buildings). Umkhankaso uveza izimfuno ezifakwe inqwaba yezinhlangano ezinjengeBlack Sash ezibiza ukuba isibonelelo se-SRD esingu-R350 sinyuswe ukuze okungenani sifike emalini esekela abadla imbuya ngothi engu-R585 ngenyanga, kuhlinzekwe abanakekela izingane abathola izibonelelo zezingane, kuhlolwe kabusha izigaba eziqinisa isandla nemqondomunye […]