Imiphumela yocwaningo lwesibonelelo somphakathi uveza isidingo esikhulu sokunyuswa kwezibonelelo

Senze ucwaningo lokuqonda nokuzwa ukuthi izinkinga zintsha noma ingabe abantu abathole isibonelelo babhekane nezinkinga ezifanayo na nabanye abantu abamukela izibonelelo zomphakathi. Amalungu e-amandla.mobi amaningi asize ukufakela uMongameli Ramaphosa ingcindezi yokubuyisa isibonelelo esingu-R350 futhi kubandakanywe abanakekeli abangaqashiwe. Ukubuyiswa kwesibonelelo esingu-R350 ngoJulayi 2021 kuze nokuthuthukiswa kwezinga lokufaneleka, lapho abanakekeli abangaqashiwe befaneleke ukuba bathole isibonelelo. Nokho, amalungu amaningi […]