Uhlelo oluhlongozwayo lwezinye izindlelakufundisa zomphakathi ngesikhathi sobhubhane
Singothisha emkhakheni yemfundo ephakeme eNingizimu Afrika yonke. Sihlangene ngokwahlukana kwethu enyangeni edlule saxoxa ngemigomo, izinqubo kanye nokungenzeka maqondana nokufundisa nokufunda eNingizimu Afrika ngesikhathi nangemuva kobhubhane lwe-COVID-19 oluhlasele umhlaba wonke.
Imiphumela yocwaningo lwesibonelelo somphakathi uveza isidingo esikhulu sokunyuswa kwezibonelelo

Senze ucwaningo lokuqonda nokuzwa ukuthi izinkinga zintsha noma ingabe abantu abathole isibonelelo babhekane nezinkinga ezifanayo na nabanye abantu abamukela izibonelelo zomphakathi. Amalungu e-amandla.mobi amaningi asize ukufakela uMongameli Ramaphosa ingcindezi yokubuyisa isibonelelo esingu-R350 futhi kubandakanywe abanakekeli abangaqashiwe. Ukubuyiswa kwesibonelelo esingu-R350 ngoJulayi 2021 kuze nokuthuthukiswa kwezinga lokufaneleka, lapho abanakekeli abangaqashiwe befaneleke ukuba bathole isibonelelo. Nokho, amalungu amaningi […]
Imiphumela Yocwaningo Lwamalungu lowezi-2023, lokhu kuyilokho esiyikho nokuthi silwelani

Senze ucwaningo lwamalungu ngonyaka odlule ukuze siqonde ukuthi amalungu ethu angobani, ayehlala kuphi nokuthi kungani bengamalungu e-amandla.mobi. Labo abaphendulile basinike ithuba lokumisa uhlelo esithatha izinqumo ngalo ngokuhlanganyela. Okwamanje imikhankaso eminingi yakulo nyaka ibunjwe yimiphumela yocwaningo lwamalungu. “Ngikholwa wukuthi i-amandla.mobi idlala indima ebalulekile ekwenzeni izinkundla zezochwepheshe zomphakathi zikwazi ukubandakanya, zithole izimpendulo futhi zimele abantu baseNingizimu Afrika.“ […]
Ukumenyezelwa kwamaFellow owezi-2023
Sesifikile isikhathi!! Kuyintokozo enkulu kithi ukumemezela amaCampaigner Fellow ethu owezi-2023, (Kusuka Kwesokunxele Maphezulu kuya Kwesokudla Maphansi) angoPalesa Ndlovu, Celokuhle Radebe, Natasha Mhlanga, Ritza Mandleni, Queen Mdluli kanye noMinothando Hlanganyana
Imiphumela yocwaningo ngo-R350 luveza ukuthi i-SASSA kumele ithathe isinyathelo

Ngomhla ka-1 Okthoba 2021, sethula ucwaningo loqoqa ubufakazi obudingekayo bokudalula inkinga enkulu nokuveza ukuthi i-SASS kumele ithathe isinyathelo.
Imizamo kaHulumeni yosizo lwe-Covid-19 ilimaze abampofu
Izinyathelo sikahulumeni sokubhekana ne-COVID-19 sembule inqwaba yamaqiniso abekhona ngaphambi kokuqala kobhubhane: amazinga ephezulu okungalingani kanye namazinga aphezulu okungaqashwa (njengamanje akuma-30% futhi kulindeleke ukuthi anyukele kuma-50%).
IVodacom yehlisa intengo yedatha
IVodacom ithathe izinyathelo zokwenza okufanele lapho imemezela ukuthi izokwehlisa intengo yedatha kusuka kumhla ka-1 Ephreli futhi lokhu kuncishiswa kwentengo kungokokuqala.
Ibanga eselihanjiwe emkhankasweni weData Must Fall
Kusukela ekubhikisheni ngaphandle kwenkantolo ephakeme, ukuqeda izethulo ze-ICASA, ukuqeda amazinga e-out-of-bundle eVodacom ngo-Okthoba 2017, ukuqaliswa kwemithethonqubo yomsebenzisi wokugcina ye-ICASA kanye nesinqumo sikaKhomishana Wezokuncintisana ngezinkampani zamaselula okwadala ukuhliswa kwentengo ngama-30% kuya kuma-50%. Ngezansi kunomdwebo wesikhathi esigcwele soMkhankaso weData Must Fall.
I-NHI yabantu ibalulekile futhi ingenzeka
*Ezakamuva* Siyabonga kini nonke malungu kanye nabozakwethu. Sindawonye, sathumela izethulo zomphakathi eziyizi-170,000 sikhala ngokuthi makube ne-NHI esebenzela abantu. Lokhu kuyisinyathelo esibalulekile sokuthi kube nokuhlinzeka ngemisebenzi yezempilo enezingaqophelo elifanele yabantu bonke. *Qaphela ukuthi sihlele kabusha futhi sachibiyela izethulo zethu ngaphansi kwesiqubulo ezimbili ezisemqoka; isibopho sokuphendula kanye nezinsiza. Nokho, iphosti yebhulogi yokuqala ingatholakala ngezansi* Unamandla okubumba i-NHI […]
Siza kwakhiwe kabusha iHhovisi Lokweluleka Abasebenzi Abaqashwe Ngokungagcwele (iCasual Workers Advice Office) ngokunikela
*Buyekeza*: Siwabonga wonke amalungu ethu. Siqoqe imali engaphezu kwezi-R35,000 yeCasual Workers Advice Office
Omunye wophathini be-amandla.mobi, iCasual Workers Advice Office (i-CWAO), okwatatshwa futhi kwashiswa emahhovisi abo ngobusuku bomhlaka 2 Septhemba [1]. Lokhu kuwukulimala okukhulu kwenhlangano esekele abasebenzi abaqashwe ngokungagcwele ukuze balwele isithunzi sabo, ngokuhlela ukuthi basekelwe futhi banikwe izeluleko zomthetho. Njengangonyaka odlule banqoba eNkantolo yoMthethosisekelo ecaleni elalibhekene nama-labour brokers, ukuqinisekisa ukuthi imiholo nezinzuzo zabasebenzi ziba ngcono [2]. Abangani bethu e-CWAO bafunge ukuthi abazukuvuma ukuthi umsebenzi wabo ume. Kodwa balahlekelwe izinto ezibaluleke kakhulu ngomsebenzi wabo njengamakhompyutha, amaphrinta kanye nefenisha. Sisebenzisane kakhulu ne-CWAO emikhankasweni eminingi ebalulekile futhi ngenxa yabo, sinqobe kaningi ekulweleni amalungelo abasebenzi. Njengelungu le-amandla.mobi singaqinisekisa ukuthi abangani bethi e-CWAO bayaqhubeka nokuba nomthelela ngokufaka u-R20 lapha: https://www.givengain.com/cc/cwao/ noma ulandele umsebenzi we-CWAO kuFacebook. Uma sonke senza konke esingakwenza, kungenza umehluko omkhulu. Sisonke singasiza ukwakha kabusha ihhovisi le-CWAO futhi sisekele umsebenzi wabo wokulwa nokucwasa abantu bakwamanye amazwe/ukucwasa abantu abampisholo.
Amazwibela Okucishwa Kukagesi Ngenhloso Yokuwonga abonisa ukubaluleka kwemithethonqubo ye-ICASA.
Amanethiwekhi amaselula amakhulu asethe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, angenakukulawula, kuzoba nomthelela omubi ekuncishisweni kwezindleko zedatha. Nokho, abathengi akumele bakhokhele lokho ikakhulukazi njengoba kunemithethonqubo emisiwe okumele ibavikele ekutholeni inzuzo ngemali ngale ndlela.
Isikhathi sotshalomali olukhulu esibonelelweni sesibonelelo sempesheni yabantu abakhulile
Isikhathi sotshalomali olukhulu esibonelelweni sesibonelelo sempesheni yabantu abakhulile NguKoketso Moeti * Lo mbhalo washicilelwa okukuqala yiDaily Maverick. Njengoba amalungu ePhalamende ehamba kukhaphethi obomvu minyakayonke lapho umongameli eyothula iNkulumo Yesimo Sezwe Kazwelonke (i-SONA), abantu abakhulile abahola impesheni bakuPietermaritzburg Pensioners Forum bame phandle bethemba ukuthi bazokwethulela uMongameli umkhankaso wabo. Babethi impesheni mayinyuswe ibe ngu-R2 500 ngenyanga okwamanje, […]