Ngaphambi kwenkulumo yesabelomali kaNgqongqoshe Tito Mboweni, inhlangano yokumelela umphakathi i-amandla.mobi yethule umkhankaso wokuthi abacebile mabakhokhiswe intela yokuphumelelisa izindlela zokungenelela kusizwe izigidi zabantu baseMzansi abaxakwe umthelela wobhubhane lwe-COVID-19.
Usekelwe ngabantu abangaphezu kwezi-49 000 umkhankaso, izimfuno zawo ezisemqoka wukuthi kuphuthunywe kwandiswe iNtela Yomholo Yomuntu Ngqo (i-PIT) ebantwini abahola imali engaphezu kwesigidi esisodwa samarandi, futhi kube nesibopho sokwethula izinga elikhuphukayo, intela yengcebo yonyaka ephelele yalabo abanengcebo engaphezu kwezigidi ezingu-R3.5.
Umphakathi we-amandla.mobi uqhubeke wafuna ukuthi kube nezindlela zokungenelela ezisekela abampofu njengokuncishiswa kwemali ebuyayo ye-medical aid futhi kuqedwe isikhwama sempesheni yomhlalaphansi ebanjwayo noma imali ebuye kuyo kulabo abahola imali engaphezu kwesigidi esisodwa samarandi ngonyaka. Kumele inganyuswa iNtela Yengeniso Yomuntu Ngqo yabantu abahola imali encane, okuthi njengoba kuqhubeka ukunyuka kwezindleko zokuphila – kunobhasikidi wokudla ongeqi nasemholweni omncane oyisisekelo.
“Njengoba sekunobhubhane, olwandisa ukungalingani okwakukhona ngaphambi kwalo, lokhu kungaba wukuncishiswa kwezabelomali okusemqoka kusukela ngowe-1994”, kusho uMkhankasi we-amandla.mobi, uTlou Seopa. “Ungqongqoshe ucele izimvo zomphakathi ngesabelomali, ngakho sinxusa uNgqongqoshe Mboweni ukuthi acabange ngezimfuno zomkhankaso wethu. Ukwenza njalo kuyisinyathelo esibalulekile ekuboneni izindlela zokungenelela ezidingekayo ukuze kwakhiwe uMzansi olinganayo wabantu bonke,” kungezela uSeopa.
Ngokwezingcezu eziningi zocwaningo, uMzansi unabantu abawosozigidi abangaphezu kwezi-300 000. Umphakathi we-amandla.mobi usekela izinga lentela yengcebo ephezulu isiyonke eliphakathi kwama-3% nama-9% ngoba yilokho okudingekayo uma sizokwandisa futhi selule izibonelelo zomphakathi futhi sithathe izinyathelo zokwethula uSizo Lokusekelwa Kwengeniso Eyisisekelo ezingeni lomholo wokuphila kanye nokuqeda ukunqanyulwa kwezabelomali zemisebenzi esemqoka.
Ngale kwalezi zibopho zentela, sithi makwabiwe kabusha izindleko zomphakathi futhi kuncishiswe izindleko zikahulumeni ezingavamile. Ubhubhane luyaqhubeka nokufaka imindeni ezimweni zokuphila ezinzima, kube abacebile bahlala bekwazi ukugcina indlela abaphila ngayo yobukhazikhazi futhi, kwezinye izinkathi, bakwazi ukukhulisa ingcebo yabo. USibahle X, osekela umkhankaso, uthi “Ubhubhane lwe-COVID-19 lwandise ukwahlukana komphakathi waseNingizimu Afrika, futhi uhulumeni akasheshi ngokwanele ukuze avale ukwanda kwegebe phakathi kwabampofu nabacebile”. Omunye osekelayo, uMichael Y, uthi, “ukukhokhisa abacebile intela kuyisiqala kwenkinga yokungalingani komphakathi ukuze kuvinjwe ukuswela kweningi.” Sekuyisikhathi sokuba abacebile bakhokhiswe intela.
Umkhankaso uzowuthola lapha: Khokhisa abacebile intela ukuze kwandiswe izibonelelo, makukhokhelwe imigomo futhi kuqedwe ukuvalwa kwezabelomali
Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo:
Tlou Seopa
Umkhankasi we-amandla.mobi
Iselula: +27 81 761 5326
I-imeyli: tlou@amandla.mobi