Updates – isiZulu

Ukumenyezelwa kwamaFellow owezi-2023

Sesifikile isikhathi!! Kuyintokozo enkulu kithi ukumemezela amaCampaigner Fellow ethu owezi-2023, (Kusuka Kwesokunxele Maphezulu kuya Kwesokudla Maphansi) angoPalesa Ndlovu, Celokuhle Radebe, Natasha Mhlanga, Ritza Mandleni, Queen Mdluli kanye noMinothando Hlanganyana

Read More »

Ibanga eselihanjiwe emkhankasweni weData Must Fall

Kusukela ekubhikisheni ngaphandle kwenkantolo ephakeme, ukuqeda izethulo ze-ICASA, ukuqeda amazinga e-out-of-bundle eVodacom ngo-Okthoba 2017, ukuqaliswa kwemithethonqubo yomsebenzisi wokugcina ye-ICASA kanye nesinqumo sikaKhomishana Wezokuncintisana ngezinkampani zamaselula okwadala ukuhliswa kwentengo ngama-30% kuya kuma-50%. Ngezansi kunomdwebo wesikhathi esigcwele soMkhankaso weData Must Fall.

Read More »

I-NHI yabantu ibalulekile futhi ingenzeka

*Ezakamuva* Siyabonga kini nonke malungu kanye nabozakwethu. Sindawonye, sathumela izethulo zomphakathi eziyizi-170,000 sikhala ngokuthi makube ne-NHI esebenzela abantu. Lokhu kuyisinyathelo esibalulekile sokuthi kube nokuhlinzeka ngemisebenzi

Read More »

Siza kwakhiwe kabusha iHhovisi Lokweluleka Abasebenzi Abaqashwe Ngokungagcwele (iCasual Workers Advice Office) ngokunikela

*Buyekeza*: Siwabonga wonke amalungu ethu. Siqoqe imali engaphezu kwezi-R35,000 yeCasual Workers Advice Office

Omunye wophathini be-amandla.mobi, iCasual Workers Advice Office (i-CWAO), okwatatshwa futhi kwashiswa emahhovisi abo ngobusuku bomhlaka 2 Septhemba [1]. Lokhu kuwukulimala okukhulu kwenhlangano esekele abasebenzi abaqashwe ngokungagcwele ukuze balwele isithunzi sabo, ngokuhlela ukuthi basekelwe futhi banikwe izeluleko zomthetho. Njengangonyaka odlule banqoba eNkantolo yoMthethosisekelo ecaleni elalibhekene nama-labour brokers, ukuqinisekisa ukuthi imiholo nezinzuzo zabasebenzi ziba ngcono [2]. Abangani bethu e-CWAO bafunge ukuthi abazukuvuma ukuthi umsebenzi wabo ume.  Kodwa balahlekelwe izinto ezibaluleke kakhulu ngomsebenzi wabo njengamakhompyutha, amaphrinta kanye nefenisha. Sisebenzisane kakhulu ne-CWAO emikhankasweni eminingi ebalulekile futhi ngenxa yabo, sinqobe kaningi ekulweleni amalungelo abasebenzi. Njengelungu le-amandla.mobi singaqinisekisa ukuthi abangani bethi e-CWAO bayaqhubeka nokuba nomthelela ngokufaka u-R20 lapha: https://www.givengain.com/cc/cwao/   noma ulandele umsebenzi we-CWAO kuFacebook. Uma sonke senza konke esingakwenza, kungenza umehluko omkhulu. Sisonke singasiza ukwakha kabusha ihhovisi le-CWAO futhi sisekele umsebenzi wabo wokulwa nokucwasa abantu bakwamanye amazwe/ukucwasa abantu abampisholo.

Read More »