I-amandla.mobi iwathe njo amehlo ku-ICASA ukuthi yehlise intengo yedatha futhi ivikele abathengi

Ukungabibikho kwedatha ebiza kahle kuzothiya abantu bangakwazi ukuthola imisebenzi esemqoka kulesi sikhathi sobuchwepheshe, kusho ithimba labamele umphakathi i-amandla.mobi.

I-amandla.mobi yamukele imithethonqubo ehlongozwa yi-Independent Communications Authority of South Africa (i-ICASA) yokusekela ukwehliswa kwentengo yokuthola idatha kanye nezokuxhumana. Njengenhlangano omsebenzi wayo ugxile kubantu besifazane abampisholo basemiphakathini edla imbuya ngothi, isikhalo senhlangano sibe sekutheni abantu abadla imbuya ngothi bakhokha imali eningi kakhulu ngedatha kunabantu abacebile.

“Abathengi abanengeniso encane bakhokha imali enkulu ngokungalingene futhi abaziboni izinzuzo zokuncintisana uma kuqhathanisa nabathengi abahola ingeniso enkulu abakwazi ukuthenga idatha eningi,” kusho umqondisi omkhulu we-amandla.mobi uKoketso Moeti.

Inhlangano ithe njengamanje intengo ekhokhwayo iqhubezela ukuhlukana ngokwezobuchwepheshe.

“Uma lolu daba lungalungiswa, abantu bazoqhubeka nokungakwazi ukuthola i-inthanethi edingekayo ukuze babhalise ibhizinisi, bafake isicelo zokufunda ezikoleni kanye nokuthola imisebenzi ethile,” kusho uMoeti.

“Izindawo zomphakathi nazo ziyaqhubeka nokuthuthukisa ukuxhuma kwazo ku-inthanethi, okusho ukuthi labo abangakwazi ukuxhuma ku-inthanethi abakwazi ukubika ngezimo noma ukufinyelela ezinhlweni ezisemqoka.”

Kudlule izinyanga inhlangano, indawonye namalungu ayimakhulu avolontiya, iqalise imisebenzi eyizinkulungwane ezingamashumi zokuthatha izinyathelo zokuncishiswa kwentengo yedatha ngomkhankaso wayo othi #DataMustFall.

I-ICASA izosingatha imihlangano yokulalela izimvo zomphakathi maqondana nemithethonqubo yayo ehlongoziwe kuMashi 1 no-2, 2018.

Nakuba i-amandla.mobi yamukela izinyathelo ze-ICASA, yazisa ukuthi izigidi ezithintekayo angeke zikwazi ukuhambela imihlangano yomphakathi ngoba yenzeka emahhovisi kazwelonke e-ICASA eSandton, eGoli. I-amandla.mobi inxuse amalungu ayo ukuthi athumele izimvo zawo ngama-voice note nama-imeyli, azodlalwa futhi afundwe njengengxenye yezethulo zenhlangano ngo-15:30. I-amandla.mobi izotshela i-ICASA ukuthi iqinise imithethonqubo ephakanyisiwe ngendlela elandelayo:

  • Ukumisa izithiyo zomkhawulo ophezulu womehluko wovumelekile entengweni ngokwe-megabyte ngayinye phakathi kwama-bundle amancane namakhulu, kube okungaba ngcono kakhulu kuwukuba kungabi namehluko nhlobo.
  • Ukugcizelela okukhethwa amakhasimende ngokuba nethuba ‘lokukhetha ukuphuma’ ekusebenziseni i-bundle data yesikhathi ngasinye lapho idata bundle isizophela ngokuthunyelwa komyalezo we-SMS onika umthengi ithuba ”okukhetha ukuphuma” emazingeni e-bundle kube kunemininingwane yokuthi lelo zinga liyimalini. Uma inkampani ingayitholi impendulo yokukhetha ukuphuma, ayikho i-airtime okumele isetshenziswe, futhi ukuhlinzekwa ngedatha kuzonqanyulwa uma i-bundle isiphelile.
  • Ukugwema izinhlelo zokuthenga ezingamasu amasha eziqondene nabasebenzisi abanengeniso encane, i-amandla.mobi incoma ukuba kuncishiswe isikhathi seminyaka emithathu kuya ezinsukwini ezingama-90 kuya kuma-120 okuhambisana nesikhathi sokuphelelwa wukusebenza kwe-SIM khadi.

Isethulo se-amandla.mobi esiphelele sichaza izincomo ezingatholakala lapha.

Iyaphela/

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo, xhumana nathi

Koketso Moeti

082 583 5869

koketso@amandla.mobi

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo