Senze ucwaningo lwamalungu ngonyaka odlule ukuze siqonde ukuthi amalungu ethu angobani, ayehlala kuphi nokuthi kungani bengamalungu e-amandla.mobi. Labo abaphendulile basinike ithuba lokumisa uhlelo esithatha izinqumo ngalo ngokuhlanganyela. Okwamanje imikhankaso eminingi yakulo nyaka ibunjwe yimiphumela yocwaningo lwamalungu.
“Ngikholwa wukuthi i-amandla.mobi idlala indima ebalulekile ekwenzeni izinkundla zezochwepheshe zomphakathi zikwazi ukubandakanya, zithole izimpendulo futhi zimele abantu baseNingizimu Afrika.“
* Kuhleliwe kancane ukuze kucace.
Le khotheshini ingenye yenqwaba yezimpendulo zamalungu lapho siwabuza ukuthi “kungani uyingxenye ye-amandla.mobi?
Senze ucwaningo lwamalungu ngonyaka odlule ukuze siqonde ukuthi amalungu ethu angobani, ayehlala kuphi nokuthi kungani bengamalungu e-amandla.mobi. Labo abaphendulile basinike ithuba lokumisa uhlelo esithatha izinqumo ngalo ngokuhlanganyela. Okwamanje imikhankaso eminingi yakulo nyaka ibunjwe yimiphumela yocwaningo lwamalungu.
Wobani amanye amalungu onawo ku-amandla.mobi? Iningi labantu abahola imali encane, ngabantu besifazane, futhi bangabantu abampisholo? Noma ngabe ungubani, sibumbene ngenkolelo yethu esinayo yokuthi singenza abathathi bezinqumo baphendule ngabakwenzayo uma sisebenza ngokubambisana ukuze sizwakalise izimvo zalabo abathinteka kakhulu ngokungabibikho kobulungiswa.
Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi izinkinga ezintathu ezikhulu emikhankasweni yethu kumele zibeke eqhulwini ezibonelelo zomphakathi, abantu abangasebenzi kanye nezindleko zokuphila, ikakhulukazi intengo yokudla.
1. Izibonelelo Zomphakathi: Ekuqaleni kwalo nyaka, amalungu e-amandla angaphezu kwama-500 kanye nozakwethu enhlanganweni babhikisha ngaphandle kwenhlokohhovisi le-SASSA. Sibe sesimasha saya Ezindlini Zombuso ukuyalela uMongameli Ramaphosa ukuthi anyuse izibonelelo zomphakathi, okubandakanya ukwandisa, ukwelula kanye nokuguqula isibonelelo sika-R350 sibe yisiBonelelo Sengeniso Eyisisekelo (i-BIG) [1]. Uhulumeni uthathe izinyathelo ezakhayo, kodwa siyaqhubeka nokuqapha okwenzekayo futhi singenelele lapho kunezinkinga ezinjengezihibe ekukhokhweni kwezabelo [2].
Isithombe 1. Lesi sithombe sathathwa Ezindlini Zombuso ekuqaleni konyaka lapho esihambise khona imemorandamu yezimfuno ehhovisi likaMongameli.
2. Intengo Yokudla: Imikhankaso yethu isize ukuthola ukunyuswa kwezinye zezibonelelo zomphakathi eminyakeni edlule, okubandakanya ukwelulwa kwesibonelelo sika-R350. Kodwa, uma singayidingidi indaba yezintengo zokudla eziphezulu, kuzolokhu kuncipha ukudla okuthengwa ngezibonelelo zomphakathi. Ucwaningo lwamalungu luveza ukuthi amalungu amaningi abhekana nenkinga yentengo yokudla, ikakhulukazi amafutha okupheka nempuphu.
Isithombe 2. Sifake lesi sithombe ekhasini lethu le-Facebook ukuveza ukudla amalungu akhale ngakho ethu sekubiza kakhulu ukuthunga ngowezi-2022/2023.
Sethule umkhankaso wentengo yokudla, okuqale ngencwadi yesikhalo ebiza uMongameli kanye noNgqongqoshe abathintekayo ukuba balungise intengo yokudla ephezulu, njengokunika iKhomishana Yezokuncintsana Nezokuqulwa Kwamacala Akho amandla okuhlawulisa amabhizinisi amakhulu enza inzuzo ngathi. Bangaphezu kwezi-17,000 abantu ababhalise amagama abo esikhalweni. Iyanda intshisekelo yokuba iKhomishana Yezokuncintisana iphenye ukwenza inzuzo kwezitolo, futhi iKhabhinethi libheka uhlelo lwesinyathelo ezingathathwa ukuvimba ukunyuka kwentengo yokudla [3].
3. Ukungasebenzi: Amalungu athe ukungasebenzi kungenye yezinkinga eziphambili esidinga ukuzikhankasela, futhi sisekele amalungu ukuze ahlele futhi ethule izikhalo ku-awthu.mobi ukuze kubhekanwe nezinkinga ezihlukene ezinegalelo ekungatholakalini kwemisebenzi, njengoxhaso lohlelo iPresidential Youth Unemployment Initiative, ukugodlwa kweziqu kanye nokusulwa kwamarekhodi amacala.
Sibuze amalungu e-amandla.mobi ngesingakwenza ukuthuthukisa umsebenzi wethu, bese isiphakamiso esiphambili sibe wukuthi kube neminye imikhankaso, ukusheshisa kwezokuxhumana, imihlangano yokucobelelana ngolwazi, ukubonakala kanye nokwandisa imibhikisho.
Sisebenze kanzima ukuqoqa imali yokuthuthukisa umsebenzi wethu. Lokhu kubandakanya ukuthuthukisa i-awethu.mobi kanye nokusiza ukukhulisa umphakathi ukuze kuhlelwe imikhankaso ngezinkinga eziyithinta ngqo imiphakathi yayo.
Siyaqhubeka nokubonisana namalungu nsukuzonke, kodwa ngenye inkathi, imithombo yethu ayanele, futhi asikwazi ukubuyela kubo bonke abantu. Sibhekene nokuthuthukisa ukuxhumana kanye nokubonakala kwethu. Lokhu kubandakanya ukuvama ukuthumela izibuyekezo. Siyakuthokozela ukuthola izimvo zamalungu ethu, futhi njengethimba elincane, sizosebenzela ukuthuthukisa ukusebenza ngokugculisayo kwethu.
Kube nezinye izinkinga eziveziwe okumele zibekwe eqhulwini, lezi zinkinga zibandakanya i-GBV, ukuhlinzeka ngomsebenzi, ukutholakala kwezindlu, kanye nobandlululo, phakathi kokunye. Sakhe i-www.awethu.mobi ukuze amalungu akwazi nawo ukuzakhela eyawo imikhankaso futhi asebenzisane nabanye ukufuna ubulungiswa emiphakathini yawo.
Nazi ezinye izicaphuno ezivela kumalungu ngokuthi kungayi eyingxenye ye-amandla.mobi:
“Ngiyilungu le-amandla.mobi ngoba ngisekela futhi ngifuna ukubona abantu abangasebenzi besebenza futhi labo abangazitholi izibonelelo bezithola futhi baphathwa ngokulingayo”
“Njalo uma kuba nenkinga edinga ukuba sisayine noma sithumele izimvo, ngivame ukuthola imiyalezo ethi inkinga isixazululwe”
“Ngoba i-amandla isisiza ngokuveza izinkathazo esihlangabezana nazo ezweni lethu nokuthi sikhankasele amalungelo ethu” – Boitumelo”
“Nakuba ngibona sengathi angenzi okwanele kunalokho okungenzeke ukuthi ngingakwenza ukuze kube noshintsho, ngibona…konke oma ngabe kuncane kangakanani kubalulekile. Uma ukufaka isikhalo kuletha ushintsho oluthile, ngibale lapho”
“Ngikholwa wukuthi kudlala indima ebalulekile ekwenzeni izinkundla zezobuchwepheshe zomphakathi zikwazi ukubandakanya, zithole izimpendulo futhi zimele abantu baseNingizimu Afrika.“
“Ngikholwa nawukuthi uhulumeni kumele angabi nemihlangano evalela abantu ngaphandle, ikakhulukazi uma bethinteka”
*Kuhleliwe kancane ukuze kucace.
Sibona wonke amalungu ethu ngokuba yingxenye yenhlangano yethu elwela ukubulungiswa. Izenzo zakho kanye nezimvo yikho okusikhuthazayo.
Simunye ekutholeni ubulungiswa,
Koketso wethimba le-amandla.mobi
[1] Umbhalo Wabemithombo Yezindaba – Mongameli Ramaphosa, izimfuno zethu ze-SONA zisobala. amandla.mobi. 03 Febhuwari 2023.
[2] Inkinga Yezibonelelo Zomphakathi, kukhona abasamukelayo abasazokhokhelwa. ENCA. 22 Septhemba 2023.
[3] Ikhabhinethi igunyaza uhlelo lwezinyathelo eziqondene nezintengo zokudla. SA Government News Agency. 31 Agasti 2023.