Imiphumela yocwaningo ngo-R350 luveza ukuthi i-SASSA kumele ithathe isinyathelo

Ngomhla ka-1 Okthoba 2021, sethula ucwaningo loqoqa ubufakazi obudingekayo bokudalula inkinga enkulu nokuveza ukuthi i-SASS kumele ithathe isinyathelo.

Phakathi kwemiphumela esiyitholile ocwaningweni lwethu lwesibonelelo sika-R350 sithole ukuthi:

  • Zingaphezu kukahhafu izicelo zesibonelelo sika-R350 ezingaphumelelanga. Iningi lezicelo zabo zachithwa noma abakwazanga ukufaka izicelo zabo ngenxa yezinkinga zezobuchwepheshe zohlelo lwe-SASSA.
  • Ama-24% abantu bathe akekho owaphendula ucingo lapho beshayela inombolo ye-SASSA.
  • Cishe ama-40% abantu athe kwadingeka ukuba bathole noma baboleke imali ye-airtime noma idatha ukuze bafake izicelo.
  • Ama-44% abanakekeli abangaqashiwe bathe i-SASSA ichithe isicelo sabo ngenxa ye-UIF.
  • Izicelo zika-R350 zabantu abaningi abangasebenzi zichithwe kungafanele.

Omunye wabanakekeli ongaqashiwe ofake isicelo sesibonelelo sika-R350 uthe:

“[I-SASSA] ithe ngithole i-UIF, kodwa angikaze ngisebenze empilweni yabo futhi anginayo inombolo ye-SARS noma ye-UIF.”

Uma bebuzwa ngomyalezo wabo oqonde ku-CEO we-SASSA noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, omunye umfakisicelo uthe:

“Mabaphendule izingcingo zethu ngoba yiyona ndlela ebula kakhulu yokuxhumana nabo. Uma beshodelwa izisebenzi, kumele baqashe abantu ukuze inqubo isheshe. Akufanele silinde izinyanga ezintathu futhi ngenye inkathi babuya nempendulo efanayo.”

Amalungu e-amandla.mobi amaningi asize ukufakela uMongameli Ramaphosa ingcindezi yokubuyisa isibonelelo esingu-R350 futhi kubandakanywe abanakekeli abangaqashiwe. Lokhu kube yisinyathelo esifanele. Kodwa izimfuno zethu zokunyusa nokwelula isikhathi sesibonelelo azigcinanga ngokuzitshwa kuphela, amalungu ethu amaningi omphakathi we-amandla.mobi abike ngezinkinga zokufaka isicelo sesibonelelo sika-R350.

  • Akulula ukulandela inqubo yokufaka isicelo sesibonelelo, futhi kunzima ukuthola ulwazi noma usizo lwe-SASSA.

Abantu abaningi bachaze ukuthi kwadingeka ukuthi baze baboleke imali ukuze bafake isicelo sesibonelelo noma ukuya kosilanda. Cishe umuntu oyedwa kwabane uthe kuthe lapho beshayela i-SASSA ucingo, kwangaphenduli muntu. Iphesenti elincane labaphendulile lithe ulimi olusetshenziswayo luyinkinga kubo futhi belusho ukuthi abakwazanga ukuthola usizo uma befuna usizo e-SASSA.

Igrafu 1: Igrafu engenhla yendlala izithiyo ezivame kakhulu abantu abahlangabezana nazo ngaphambi kokuba baze bazame ukutaka izicelo zabo.

  • Kunezinga eliphezulu lokuchithwa kwezicelo, ikakhulukazi ezabanakekeli.

Kulabo abakwaze ukudlula ezithiyweni ezingenhla, igrafu engezansi iveza ukuthi abafaki bezicelo abaningi ziyachithwa noma abakwazanga nhlobo ukuzithumela ngenxa yezinkinga zohlelo lwe-SASSA.

Igrafu 2: Igrafu engenhla iveza izimpendulo zemibuzo yocwaningo, “Ukwazile ukufaka isicelo sesibonelelo sika-R350 njengoba sesibuyisiwe futhi kwaqalwa ukukhokhela abamukeli bazo kusukela ngo-Agasti 2021?”

Isithombe esingenhla asilungile, kodwa kubi kakhulu kubanakekeli abangaqashiwe. Uma siqhathanisa igrafu 2 engenhla ngegrafu 3 engezansi, imininingo yedatha iveza ukuthi abanakekeli abangaqashiwe babe nezinga lokuchithwa eliphezulu kakhulu kanye nezinga eliphansi lempumelelo.

Igrafu 3: Igrafu engenhla iveza izinga lezicelo zika-R350 ezichithiwe neziphumelele kulabo abaphendule ocwaningweni futhi bathe bangabanakekeli abangaqashiwe abathola isibonelelo sokunakekela izingane egameni lengane.

  • Abafakizicelo besibonelelo kanye nabasamukelayo baxoxe ngabahlangabezana nakho kanye neziphakamiso.

Bangaphezu kwama-50% abakwaze ukufinyelela emithonjeni enjenge-inthanethi noma i-smartphone abakwaze ukuvakashela iwebhusayithi ye-SASSA. Iwebhusayithi manje seyisetshenziswa ngaphandle kokukhokha. Abanye abasebenzise iWhatsApp kanye nekhasi le-SASSA lakuFacebook ukuze bathole ulwazi. Iningi lalabo abashayele isikhungo sezingcingo se-SASSA abatholanga sizo olutheni. Lapho becelwa ukuba bachaze ngabahlangabezana nakho bezama ukuthola isibonelelo, abanye kwabaphendulile basho okulandelayo

“Bengidinga usizo, kodwa akekho ophendule ifoni.”

“Bangithumelela i-SMS nyangazonke ethi isicelo sami asiphumelelanga ngenxa ye-UIF.”

“Akukho nempendulo eyodwa ye-imeyli engayithumela.”

Indlela esetshenziswe kakhulu yokufaka isicelo sesibonelelo bekuyiwebhusayithi ye-SASSA neWhatsApp. Ama-8% abaphendulile azame ukusebenzisa i-USSD code kodwa bahola ukuthi ibingasebenzi. Becelwa ukuba bachaze ngezinselele ababhekana nazo ngenkathi besenzisa lezi ziindlela, abanye bathe:

“Iwebhusayithi beyilula, kodwa ukuzama ukuthola usizo olungasilo olwerobhothi kube yinkinga.”

Abaphundulile baphinde baxoxa ngesinye zezimpendulo neziphakamiso ze-SASSA kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi (i-DSD) ukuze kuthuthukiswe uhlelo lwesibonelelo sika-R350. Nakhu okushiwo abanye:

“Makuvulwe amanye amahhovisi awomahambanendlwana e-SASSA.”

“Mabagcine izethembiso zabo🙏🏿. Nikani thina esingasebenzi imali futhi ningakhethi kodwa nisinike sonke.”

“Kumele bathuthukise uhlelo lwabo lokuqinisekisa kube wuhlobo olusheshayo ngoba yonke into idonsa kakhulu.”

“Yekani ukusebenzisa idatha lapho kufakwa isicelo. Asinayo imali.”

“Zinakeni kakhulu ezinye izicelo nezinkinga zazo, ikakhulukazi abantu okuthiwa bathola i-UIF kube kungenjalo.”

“Enzani inqubo yokufaka isicelo ibe lulana. Andisa umthamo wokusebenza e-server. Phendulani imibuzo nezikhalo ngesikhathi.”

  • Ngakho, yini engenzisa i-SASSA noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi (i-DSD) ngokwehlukile?

Sekunezinyanga abafakizicelo zezibonelelo zika-R350 kanye nabasitholayo befuna ukuthi i-SASSA ilungise amaphutha ohlelo lwesibonelelo. Ebantwini abaningi baseMzansi lokhu kumayelana nokuphila, futhi lezi zimfuno azikwazi ukuqhubeka nokuwela phansi zingasukunyelwa. Abantu babhekene nenqwaba yezinkinga kumanje, ngaphandle kokubhekana nohlelo lwe-SASSA, oludonsayo, oludla amandla oludinga nemali yokufinyelela, yokuthola ulwazi kanye nosizo.

I-SASSA noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kumele:

  • Benze uhlelo lwezibonelelo lusebenze ngokugculisayo futhi lusebenziseke kululana, lapho kuxhunywe ku-inthanethi nalapho kungaxhunyiwe
  • Babe nezinsuku zokuholele ezingashintshi.
  • Bathuthukise ukuxhumana nabamukeli besibonelelo/nabahlumulayo.
  • Baqhamuke nezinye izindlela ezilungele abantu nezisebenzisekayo zalabo abangafaka isicelo ngohlelo lwe-inthanethi noma abakwazi ukufika emahhovisi e-SASSA.
  • Bathuthukise ukusetshenziswa kolimi kuhlinzekelwe labo abangasikhulumi isiNgisi.
  • Baqashe abasebenzi futhi bathuthukise ukusebenza ngokugculisa kwesikhungo sezingcingo se-SASSA.
  • Bahlinzeke abanakekeli abangaqashiwe ngesibonelelo sika-R350 ngokuzenzekela, ngaphandle kokuba bafake isicelo se-R350. Noma okungenani, babeke eqhulwini ukubuyekeza izikhalo zabanakekeli abangaqashiwe.
  • Basebenzisane ne-SARS kanye noMnyango Wezabasebenzi ukuthuthukisa izizindalwazi sama-IRP5 ne-UIF njengoba kusetshenziselwa ukuhlola ukuthi ubani ofaneleka ukuthola isibonelelo.

Phezu kwalokho, i-SASSA noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kumele:

  • Kusekelwe ukwelulwa kwesibonelelo sidlula kuMashi 2022 futhi sandiswe sibe ngaphezu kwesilinganiso esiphezulu sobuphofu.
  • Kusekelwe ukugcina isibonelelo size siguqulwe sibe wuSizo Lwengeniso Eyisisekelo.
  • Kusekelwe ukunganiki nje kuphela abanakekeli abangaqashiwe isibonelelo, kepha BONKE abanakekeli abathola Isibonelelo Sokunakekela Izingane.
  • Ukusekela ukunyusa zonke ezinye izibonelelo ukusiza ukubhalansisa isibonelelo se-SRD.

*Uyaziswa ukuthi konke okucashuniwe kuhleliwe kancane ukuze kubhaleke ngendlela eqondakalayo.

Isichasiso esiqondene nokuqhutshwa komsebenzi: Imiphumela engenhla isuselwe kakhulu emiphumeleni yocwaningo lwethu lwezibonelelo sika-R350 esatholakala bukhoma futhi engatholakala lapha:  https://amandla.wgdev.co.za/350-survey/. Ukuze uthole izibalo zakamuva futhi ezibuyekeziwe buka imiphumela yocwaningo lapha: https://amandlamobi.typeform.com/report/gxz4Fdg1/SwrwAfins27rAdbw. Imiphumela yocwaningo kumele ibuyekezeke okungenani kanye ngeviki ukuveza izimpendulo ezintsha njengoba bantu besagcwalisa izimpendulo zabo zocwaningo. Imininingo ngabanakekeli abangaqashiwe abafake izicelo zesibonelelo sika-R350, manje asebefakiwe esigabeni sokufaneleka, yathathwa kumininingo ehlukanisiwe yakolunye ucwaningo lwethu lwezibonelelo zomphakathi, esatholakala bukhoma futhi engatholakala lapha: https://amandla.wgdev.co.za/grant-survey/.

Imiphumela yakamuva ebukhoma yocwaningo ingatholakala lapha. Ucwaningo lungagcwaliswa ku-mobi site yethu, kodwa sihlinzeka nangezindlela zokugcwalisa ucwaningo ngeselula kulabo abangenayo idatha, noma i-airtime. Uyaziswa ukuthi sikwaze ukushicilela imiphumela enjengoba injalo kuphela, nokuthi imininingo engenhla yabanakekeli abangaqashiwe ihlukaniswe futhi yahlaziywa ngokuzibalela ngaphandle kokusebenzisa izindlela zobuchwepheshe. Nasezimpendulweni zocwaningo lwe-UIF kwenzeke okufanayo. Imininingo ehlaziywe ngokuzenzela ayiveli bukhoma, futhi ayithathwanga eqoqweni lemininingo esukela kumhla ka-3 Disemba 2021. Siyinhlangano encane engenazo izinsiza kanye nemali yokusebenza eningi. Nokho, uma uthanda ukucela ukuthola idatha ebuyekeziwe noma uma uneziphakamiso zendlelakwenza yokucwaninga, sicela ungasabi ukusithinta ku-hola (at) amandla.mobi, sizobe sesenza konke okusemandleni ukukuthinta.

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo