Izinyathelo sikahulumeni sokubhekana ne-COVID-19 sembule inqwaba yamaqiniso abekhona ngaphambi kokuqala kobhubhane: amazinga ephezulu okungalingani kanye namazinga aphezulu okungaqashwa (njengamanje akuma-30% futhi kulindeleke ukuthi anyukele kuma-50%). Omunye wabantu abayisithupha abasebenza embonini engahlelekile ngokugcwele; le misebenzi ivame ukuba nobungozi, isheshe iphele futhi iholela imali encane. Kuthe uma kuqala ukuvalwa kokusebenza kwezwe, uhulumeni wamemezela izinhlelo zosizo ezinhlobonhlobo, ezazibukeka ziyindlela enhle yokusiza abampofu. Kepha sekunezinsuku eziyi-100+ kuvalwe ukusebenza kwezwe, siphoqeleke ukuba sibheke ukuthi ngabe izindlela zosizo zikahulumeni zibe yilezo ebezidingeka kakhulu na.
Sibe nomkhankaso ophumelele wokucela uhulumeni anyuse isibonelelo sokunakekela izingane (i-CSG) ngo-R500 izinyanga eziyisi-6 ingane ngayinye ukuze kunikwe abanakekeli usizo lwemali ngesikhathi sobhubhane ukuze kuhlangatshezanwe nezidingo zezingane. Umnyango wezokuhlinzekelwa komphakathi uguqukile esimemezelweni sikaMongameli Ramaphosa sokunyusa i-CSG yengane ngayinye ezuzayo, kunalokho yathi i-CSG inyuka ngokomnakekeli ngamunye – ngakho noma ngabe umuzi unengane eyodwa noma ezinhlanu, i-CSG inyuka ngoR500.
I-Unemployment Insurance Fund Covid-19 Temporary Employee/Employer Relief Scheme (isikhwama se-UIF Covid-19 TERS) sisale kanjalo, kwashiywa inqwaba yabantu ababuthaka ezimweni zezomnotho ezimbi kakhulu zokuthi bangabi nangeniso. Izikhungo zezokunakekela ngokwezempilo nazo zikhungathekile, ngokushoda kwempahla yokuvikela umuntu ngamunye (phakathi kwezinye zezinkinga), okwenza abasebenzi bezokunakekelwa kwezempilo besabela ukuphepha kwabo, okudala umthelela onobungozi obuyayo wabasebenzi, neziguli. Lezi yizibonelo ezimbalwa zokuthi imali ayifinyelelanga kulabo obekumele bayithole NOMA ukuthi imali ayifikanga kulabo ababuthaka kakhulu. Lokhu kudale ukuthi abampofu balimazane bodwa, kube onecala ngempela, kuwuhulumeni, engaphenduliswanga ngezenzo zakhe.
Lokhu angeke kukwazi ukuba yindaba eqhubekayo eNingizimu Afrika. Kumele sihlangane ukukhombisa uhulumeni ukuthi sinamandla uma sihlangene sifune ukuthi enze lokho okulungele abantu abajwayelekile. Kumele sifune ukuthi avuleleke futhi adalule izindlela ezihlukene zokusiza ekumeleni i-COVID-19 nokuvikela imali okumele isize ukwenza ngcono izimo zabampofu.
Sizinikele emikhankasweni ezoveza ukuzinikela kwethu ekuphenduliseni uhulumeni ngezenzo zakhe, njengoba sibhekene nobhubhane lwe-COVID-19. Sizobe silwela amalungelo nokuphepha kwezisebenzi ezisemqoka, ngoba uma zivikelekile, sonke sizophepha. Sinamandla kakhulu futhi siphumelela kakhulu uma simi siyimbumba sihlangene sonke. Masiwela kunoxhaka kahulumeni wokusihlukanisa ukuze anqobe. Amandla, awethu..