Inqubomgomo Yobumfihlo
- Home
- Inqubomgomo Yobumfihlo

Ubumfihlo bubalulekile, futhi i-amandla.mobi izimisele ngokuphelele ekuqinisekiseni ukuthi ukubamba iqhaza kwakho emsebenzini wethu obalulekile kuvikela ulwazi oluqondene nawe siqu.
Luyini ulwazi oluqondene nomuntu siqu?
Ulwazi oluqondene nomuntu siqu luwulwazi noma umbono ngomuntu ohlonzekayo, noma umuntu ongahlonzeka noma ngabe lolo lwazi noma umbono uyiqiniso noma cha, futhi oma ngabe ulwazi luqoshiwe noma cha.
Siqoqa ulwazi oluqondene nomuntu siqu olunjani?
Izinhlobo zolwazi oluqondene nomuntu siqu esiziqoqayo futhi sizigcine ngawo zingabandakanya igama lakho, isifundazwe, ikheli le-imeyli kanye nenombolo yocingo.
I-amandla.mobi iluqoqelani ulwazi oluqondene nomuntu siqu.
Siqoqa ulwazi oluqondene nomuntu siqu ukuze sikwazi ukukuthumelela amathuba okusukuma ubambe iqhaza emikhankasweni futhi sikuhlinzeke ngolwazi ngenhlangano yethu.
I-amandla.mobi ingaphinde isebenzise ulwazi lomuntu siqu ngezinhloso zokubhalisa zangaphakathi, ucwaningo, ukuhlela, ukwazisa, imikhankaso kanye nokuthuthukiswa kwemiklamo.
Angeke sisebenzise noma sidalule ulwazi oluqondene nawe ngaphandle ngezinye izinhloso, ngaphandle kwalapho:
- Leyo nhloso engaphandle iqondene nenhloso eyisisekelo yokuqoqwa kwalolo lwazi futhi ungase ulindele ukuba kudalulwe ezimweni noma
- usinike imvume yakho.
Indlela esiqoqa nesigcina ngayo ulwazi:
I-amandla.mobi iqoqa futhi igcine ulwazi oluqondene nomuntu isiqu osihlinzeke lona ngewebhusayithi yethu, uMxit, i-USSD, i-SMS, iWhatsapp, u-Pls Call Me, izingcingo ezingaphenduliwe, iFacebook, iTwitter, ocingweni noma nge-imeyli.
Isibonelo, uma usithumelela i-imeyli noma usinika ulwazi ngocingo, singase silugcine ukuze siphendule umbuzo wakho.
Indlela esiqinisekisa ngayo ukuthi ulwazi oluqondene nawe luvikelwe
Sithatha izinyathelo zokuvikela ezifanele zokuvikela ukufinyelela okungagunyaziwe noma ukuphazamisa okungagunyaziwe, ukudalula noma ukuphazamisa ulwazi oluqondene nawe. Lokhu kubandakanya izibuyekezo zangaphakathi zemininingwane eqoqiwe, izinqubo zokugcina nezokulungisa kanye nezindlela zokuvikela, kanye nezindlela zokuvikela zasendaweni ngqo ukuze kuvikelwe ukufinyelela okungagunyaziwe lapho esigcina khona ulwazi lomuntu siqu.
Akunakuhwetshwa, kudayiswe noma kuqashiselwe abasemaceleni ngolwazi oluqondene nomuntu siqu.
Ulwazi oluqondene nomuntu siqu luyagcinwa uma ulwazi oluqondene nomuntu siqu lusasebenza ngezinhloso oluqoqelwe zona.
Iwebhusayithi yethu ayihloselwe izingane ezingaphansi kweminyaka eyi-13 futhi angeke siqoqe, sisebenzise, sihlinzeke noma silulungise nganoma iyiphi enye indlela ulwazi lomuntu siqu lwezingane ezingaphansi kweminyaka eyi-13 ngenhloso.
Ngakho, siphinda sicela ukuthi uma ungaphansi kweminyaka eyi-13, ungasithumeleli ulwazi oluqondene nawe siqu (isibonelo, igama lakho, ikheli kanye nekheli le-imeyli). Uma ungaphansi kweminyaka eyi-13 futhi usafisa ukubuza umbuzo noma ukusebenzisa le webhusayithi ngandlela thize edinga ukuthi uthumele ulwazi oluqondene nawe siqu sicela ucele umzali noma umuntu okugadayo ukuthi akwenzele.
Ulwazi oluqondene nomuntu olungaceliwe
Asivamile ukuqoqa ulwazi oluqondene nomuntu siqu olungaceliwe. Lapho sithola ulwazi lomuntu siqu olungaceliwe, sizonquma ukuthi ingabe kuvumelekile na ukuqoqa ulwazi lomuntu siqu ukuba beluceliwe. Uma sinquma ukuthi ukuqoqa lolo lwazi bekungeke kuvumeleke, ngokomthetho, sizoluchitha noma senze ukuthi lungahlonzeki lolo lwazi oluqondene nomuntu siqu uma lokho sekungenzeka.
Amalinki
Sicela uqaphele ukuthi uma uyalelwa ukuba noma usebenzisa amalinki akwenye iwebhusayithi, lawo mawebhusayithi akanasibopho sale nqubomgomo yobumfihlo.
Ukudalula phesheya kwezilwandle
I-amandla.mobi ayiludaluleli izikhungo zaphesheya kwezilwandle ulwazi ngomuntu siqu.
Ushintsho kule nqubomgomo
Uyaziswa ukuthi le Nqubomgomo Yobumfihlo ingahlala iphinde ishintshe.
Izikhalo
Uma ucabanga ukuthi kube nokuphulwa kwemithetho yobumfihlo eNingizimu Afrika noma amalungelo akho maqondana nobumfihlo, ungaxhumana noTebogo Gabang ku- hola@amandla.mobi