IVodacom ithathe izinyathelo zokwenza okufanele lapho imemezela ukuthi izokwehlisa intengo yedatha kusuka kumhla ka-1 Ephreli futhi lokhu kuncishiswa kwentengo kungokokuqala. Iyinethiwekhi yokuqala yokukhokhela Ikhomishana Yezokuncintisana isinxephezelo kunokuba ibhekana nokushushiswa. Lokhu kukhulu.
Izintengo zawo wonke ama-bundle zizokwehla kakhulu; isibonelo, idatha eyi-1GB ngenyanga izosuka ku-R149 iye ku-R99, kanti ama-bundle amancane asetshenziswa amakhasimende anengeniso encane azokwehla kakhulu. Futhi akugcini lakho; iVodacom izophinde ihlinzeke ngama-package amakhasimende anengeniso encane, okubandakanya ama-SMS amahhala ama-2 ngelanga, ukungakhokhiselwa ukusebenzisa wonke amawebhusayithi kahulumeni kanye nemisebenzi esemqoka, kanye nezaphulelo eziqondene nomuntu ngqo zamakhasimende asebenzisa uhlelo olukhokhelwa ngaphambi kokulusebenzisa asezindaweni zabanengeniso encane. Futhi kwenzeke ngenxa yakho. Umkhankaso wethu awukapheli. Ungakwazi ukudlulisa lezi zindaba ukuze ingapheli intshisekelo?

Sekuneminyaka sifakela amanethiwekhi amaselula, uhulumeni kanye nabaluwuli ingcindezi ukuze bathathe izinyathelo ngentengo ephezulu yedatha kanye nokucwasa ngokwentengo okwakwenza ukuthi amakhasimende anengeniso encane akhokhiswe intengo yedatha engaphezu kwaleyo ikhokhwa amakhasimende acebile. Siqhubekile nokufaka ingcindezi futhi saba nenqubekela phambili enkulu kulesi sikhathi.
Lesi sinxephezelo siwukuqala kokuhlelwa kabusha okusemqoka kwentengo yale mboni. .Ikhomishana Yezokuncintisana isabonisana ne-MTN kanye neTelkom futhi kulindeleke ukuthi kufinyelelwa esivumelwaneni emavikini ambalwa azayo. Futhi njengoba iVodacom inciphise intengo yayo, kunesizathu sokukholwa wukuthi lokhu kuzoba nomthelela nakwamanye amanethiwekhi kuwaphoqe nawo ukuthi ehlise intengo ukuze aqhubeke nokuncintisana. Kodwa kusayisinyathelo esisodwa esibheke ekunqandeni ukuxhashazwa kwamakhasimende amanethiwekhi anomhobholo enza inzuzo. Kunomsebenzi omningi okumele wenziwe ukuze kuvalwe ezinye izindlela ezingatshenziswa amanethiwekhi amaselula ukukhuthaza abampofu.
Asiphelanga amandla nangemuva kokuba amanethiwekhi amaselula ezame ukusebenzisa izinkantolo ukubambezela imithethonqubo ye-ICASA esayiwina kanzima futhi alwela ukungawulandeli umthetho. Asidikibalanga lapho bethi kunezimo ezahlukanisayo ezazidala intengo yedatha ephezulu, ngoba besazi ukuthi nakuba kuyinkinga, ayikho indlela yokusekela ukuba nentengo engabacabangeli abampofu. Lokhu kungamandla alo mphakathi. Ngokuhlangana siqhubeke nokufaka ingcindezi, sizogcina ngokuyinqoba impi yedatha Must Fall.