Izithasiselo bekumele zingasahoxiswa

I-amandla.mobi idumele ngokuthi izithasiselo zizophela ekupheleni kukaNovemba. Ukuvalwa kokusebenza kwezwe ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19 kudale ukulahlekelwa yimisebenzi emindenini eminingi esengcupheni yokubhekana nendlala1. Uhlaziyo lwemininingo ye-NIDS-CRAM2 luveza ukuthi isithasiselo kanye nezabelo ezintsha ezethuliwe bezisekele abampofu futhi ziqeda ububha3. Abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-30 abaphila emizini eholwa abantu besifazane bazolimala kakhulu.

Ngokusho kukaMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi, uKoketso Moeti, “kwenzeka kanjani ukuthi uhulumeni akwazi ukuthola izigidigidi ezingama-R10.5 zokutakula iSouth African Airways, kodwa engeke akwazi kuthola imali yokusekela abantu abahluphekayo nemindeni ezweni? NOMA Nakuba amalungu ethu eshayele uMgcinimafa izingcingo eziyizinkulungwane echaza ukuthi izithasiselo zibaluleka kangakanani ekuphileni kwawo ngesikhathi ezinzima, uhulumeni ukhansele izithasiselo. Kodwa sizoqhubeka nokulwela ukunyuswa kwezibonelelo ukuze singabibikho nesisodwa isakhamuzi saseNingizimu Afrika esilambayo futhi bonke abantu baphila behloniphekile.

UTlou Seopa onguMkhankasi osemncane uthi, “ngokungasithasiseli isiBonelelo Sokunakekela Izingane (i-CSG) sengunaphakade futhi esinikwa ingane ngayinye, inqubomgomo yesibonelelo sikahulumeni ayibesekeli abantu besifazane kanye nabantu abampofu”

Angaphezu kwezi-500 000 amalungu e-amandla.mobi, oningi labo kungabantu besifazane abampisholo, abasayine bangena emikhankasweni yethu befuna ukuthi uhulumeni anyuse i-CSG kanye nesibonelelo sempesheni. Azoqhubeka nokuphushela ukunyuswa, ngoba balwela ukubeka ibhodwe eziko. Njengoba elinye lamalungu ethu lasibhalela, “Ngicabanga ukuthi kuyihlazo ukuhoxisa isithasiselo. Yimi kuphela ohlinzekela izingane ezimbili eyedwa, enye yalezi zingane iphila nokukhubazeka futhi umyeni wami akaphilile. Isithasiselo singisize kakhulu ukuze ngibeke ibhodwe eziko.”

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo:

Koketso Moeti

UMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi
Iselula: +27 82 583 5869
I-imeyli: koketso@amandla.mobi

Tlou Seopa
Umkhankasi we-amandla.mobi
Iselula: +27 81 761 5326
I-imeyli: tlou@amandla.mobi

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo