Qedani imihlangano ebanjwa ngasese phakathi kukahulumeni namabhizinisi amakhulu

Cabanga uthisha wakho ebhema ekilasini. Kwabanye bethu, lokhu bekuyiqiniso uhulumeni waze wamisa imithetho emisha ngo-1993 [1]. Kodwa kunjani engazange asheshe ukwenza lokhu? Ephepheni labo abalishicilela ngowezi-2003, uMia Malan noRosemary Leaver wendlala ubudlelwano phakathi kwebhizinisi logwayi elikhulu kanye nohulumeni [2] [3]. Uhulumeni ugcina esebeka inzuzo ngaphambi kwempilo yomphakathi, ngenxa yomsebenzi wabamele ezempilo.

Abacwaningi bathole ukuthi amanye amabhizinisi amakhulu, noma abasebenzisana nawo, babe nemihlangano nohulumeni ngasese okungasho ukuthi izinqubomgomo zomphakathi ziyathanjiswa ukuze kuvikelwe izinzuzo [4]. Ukulawulwa kwamandla ombuso yindlazana kuveze ukuthi kunomsebenzi omkhulu okumele siwenze. Kodwa ikhona inqubekela phambili esiyibonayo ekuthuthukiseni ukuvuleleka nokuba nesibopho sokuphendula. Osopolitiki kumele badalule izintshisekelo zabo zezimali [5], futhi amaqembu ezepolitiki manje kumele adalule ukuthi axhaswa wobani [6].

Sidinga ukuqhubeka sisebenzele phezu kwalezi zinyathelo. Asikwazi ukuphinda okwenzeka ngowezi-2014. Amabhizinisi amakhulu enza ukudla okunjengopholoni akavumelananga neziphakamiso zemithetho yenhlanzeko kunalokho yakhetha ukuzilawulela [7] [8]. Uhulumeni kwakumele aphikisane nalawo mabhizinisi amakhulu ngowezi-2014, amise imithetho emisha noma kunjalo.

Uhulumeni kwakumele alwisane namabhizinisi amakhulu ayimabhoklolo. Imisebenzi yayo wukuhlinzekela abantu, hhayi izintshisekelo zabazimele.

Bongqongqoshe, Baqondisi Jikelele, ama-MP kanye nabo bonke abanye abasebenzela umphakathi noma ehhovisi lezepolitiki abathandekayo,

Abantu okumele babuse, hhayi inzuzo. Kodwa amanye amabhizinisi amakhulu asebenzise amandla awo okuba nezwi ezinqumweni ezithathwayo. Kusukela ekuphuzeni iwayini nokudla izidlo eziphambili [9] kuya ekubeni amabhoklolo, sibone ukuthi amanye amabhizinisi amakhulu azamile ukunqanda noma ukubambezela intela [10] [11], imiholo engcono yezisebenzi [12] kanye nemithi eshibhile [13].

Thina, esisayine ngezansi, sicela ukuthi uvumele izimfuno ezilandelayo:

– Ukuzinikela ekuvulelekeni ngokudalula yonke imihlangano, imicimbi, ukubhalelana, izethulo kanye nokunye ukubonisana namabhizinisi amakhulu kanye nabasebenzisana nawo.  Yonke imibhalo kanye nolwazi kumele kube lula ukuba umphakathi ukuthole.

– Ukuzibophezela emphakathini ngokuvikela izinqubo zokuthatha izinqumo zamabhizinisi amakhulu nabantu abasebenzisana nawo. Kuwukuphambana kwezintshisekelo kulabo abanentshisekelo yokubamba iqhaza noma ukuba nezwi ekuthathweni kwezinqumo ukuze kuhlomule umphakathi.

–  Sebenzela ukuphoqelela nokuqalisa imithetho yokuziphatha yezisebenzi zikahulumeni kanye nezikhulu zezepolitiki ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinqumo zisiza umphakathi kanye nomthethosisekelo, hhayi izintshisekelo zabantu abazimele.

– Umphakathi kumele ukwazi ukuthola ukudalulwa kwezintshisekelo zazo zonke izisebenzi ezisezikhundleni ezinkulu kuhulumeni ukusiza ukuqapha ukuphambana kwemibono.

Izinqumo zakho azikwazi ukuma phakathi kwezintshisekelo zabazimele kanye nezomphakathi. Umthwalo wakho wukusebenzela umphakathi kanye nomthethosisekelo, okusho ukuthi kugcinwa izintshisekelo zabazimele nokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi amakhulu akazuzi ezindlekweni zabantu.

Ekugcineni, sicela ukuthi amabhizinisi amakhulu kanye nabasebenzisana nawo bayeke ukusebenzisa izinsiza zabo eziningi ukubambezela, ukwehlisa amandla kanye nokwenza izinqumo zabo ezithinta umphakathi zingabi ngeziphambene nomthetho. Bonisa ubufakazi bokuthi anisiwo amabhoklolo bese ninqande ukuvalela izwe ejele ngokusabisa ngokuphela kwemisebenzi kanye nokutshala imali kabusha. Ngezinzuzo zenu ezinkulu, eningakwenza okungenani wukuhlonipha intandoyeningi yethu, uhulumeni kanye nesithunzi sabantu.

Uhulumeni kumele athathe izinqumo ezibeka abantu phambili, hhayi izinzuzo zamabhizinisi. Izicelo zokuthi kube nokuvuleleka kanye nesibopho sokuphendula ziya ngokwanda. Uma singaba yisibalo esanele, izisebenzi zikahulumeni kanye nezikhulu ezikhethwe umphakathi kungase kudingeke ukuba ziyeke ukubamba imihlangano namabhizinisi ngasese.

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo