Isendlalelo
Singothisha emkhakheni yemfundo ephakeme eNingizimu Afrika yonke. Sihlangene ngokwahlukana kwethu enyangeni edlule saxoxa ngemigomo, izinqubo kanye nokungenzeka maqondana nokufundisa nokufunda eNingizimu Afrika ngesikhathi nangemuva kobhubhane lwe-COVID-19 oluhlasele umhlaba wonke. Sizinikele kubafundi bethu, izikhungo zethu, imiphakathi yethu, ukuze kuthuthukiswe amasiko ezemfundo kanye nokuthi imfundo elinganayo ibe wumsebenzi osemqoka.
Uhlaziyo, imigomo nokuhlongozwayo kusezigabeni ezilandelayo lapho kuvezwa izimiso kanye nokucabanga ngabafundi BONKE, ikakhulukazi abafundi abaphucwe amathuba, izisebenzi ezingabafundisi neziphethe imisebenzi yezokulawula umsebenzi, abazali, kanye nemiphakathi, futhi sihlose ukulungisa ukungalingani okukhona ngokwezinhlelo ohlelweni lwethu lwemfundo ephakeme. Lolu hlaziyo nokuhlongozwayo kwakhela phezu kwesimo esivezwe yiBlack Academic Caucus kanye ne-C-19 People’s Coalition Post School Working Group. Ekuqhamukeni nalesi siphakamiso, sifuna ukuthola izimvo zabafundi, izisebenzi ezifundisayo neziphethe imisebenzi yezokulawula umsebenzi, izinyunyana, abazali kanye nemiphakathi njengoba sibheke ukuthi kuqhubeke ukuthuthukisa nokuqalisa.
Funda noma udawunilode umbhalo ogcwele kulinki engezansi:https://amandla.wgdev.co.za/app/uploads/2020/07/Public_Universities_with_a_Public_Conscience.pdf