Imiphumela Yocwaningo Lwamalungu lowezi-2023, lokhu kuyilokho esiyikho nokuthi silwelani

Senze ucwaningo lwamalungu ngonyaka odlule ukuze siqonde ukuthi amalungu ethu angobani, ayehlala kuphi nokuthi kungani bengamalungu e-amandla.mobi. Labo abaphendulile basinike ithuba lokumisa uhlelo esithatha izinqumo ngalo ngokuhlanganyela. Okwamanje imikhankaso eminingi yakulo nyaka ibunjwe yimiphumela yocwaningo lwamalungu. “Ngikholwa wukuthi i-amandla.mobi idlala indima ebalulekile ekwenzeni izinkundla zezochwepheshe zomphakathi zikwazi ukubandakanya, zithole izimpendulo futhi zimele abantu baseNingizimu Afrika.“ […]
Uhlelo oluhlongozwayo lwezinye izindlelakufundisa zomphakathi ngesikhathi sobhubhane
Singothisha emkhakheni yemfundo ephakeme eNingizimu Afrika yonke. Sihlangene ngokwahlukana kwethu enyangeni edlule saxoxa ngemigomo, izinqubo kanye nokungenzeka maqondana nokufundisa nokufunda eNingizimu Afrika ngesikhathi nangemuva kobhubhane lwe-COVID-19 oluhlasele umhlaba wonke.
Imiphumela yocwaningo lwesibonelelo somphakathi uveza isidingo esikhulu sokunyuswa kwezibonelelo

Senze ucwaningo lokuqonda nokuzwa ukuthi izinkinga zintsha noma ingabe abantu abathole isibonelelo babhekane nezinkinga ezifanayo na nabanye abantu abamukela izibonelelo zomphakathi. Amalungu e-amandla.mobi amaningi asize ukufakela uMongameli Ramaphosa ingcindezi yokubuyisa isibonelelo esingu-R350 futhi kubandakanywe abanakekeli abangaqashiwe. Ukubuyiswa kwesibonelelo esingu-R350 ngoJulayi 2021 kuze nokuthuthukiswa kwezinga lokufaneleka, lapho abanakekeli abangaqashiwe befaneleke ukuba bathole isibonelelo. Nokho, amalungu amaningi […]
Ukumenyezelwa kwamaFellow owezi-2023
Sesifikile isikhathi!! Kuyintokozo enkulu kithi ukumemezela amaCampaigner Fellow ethu owezi-2023, (Kusuka Kwesokunxele Maphezulu kuya Kwesokudla Maphansi) angoPalesa Ndlovu, Celokuhle Radebe, Natasha Mhlanga, Ritza Mandleni, Queen Mdluli kanye noMinothando Hlanganyana
Qedani imihlangano ebanjwa ngasese phakathi kukahulumeni namabhizinisi amakhulu
Cabanga uthisha wakho ebhema ekilasini. Kwabanye bethu, lokhu bekuyiqiniso uhulumeni waze wamisa imithetho emisha ngo-1993 [1]. Kodwa kunjani engazange asheshe ukwenza lokhu? Ephepheni labo abalishicilela ngowezi-2003, uMia Malan noRosemary Leaver wendlala ubudlelwano phakathi kwebhizinisi logwayi elikhulu kanye nohulumeni [2] [3]. Uhulumeni ugcina esebeka inzuzo ngaphambi kwempilo yomphakathi, ngenxa yomsebenzi wabamele ezempilo. Abacwaningi bathole ukuthi amanye […]
Imiphumela yocwaningo ngo-R350 luveza ukuthi i-SASSA kumele ithathe isinyathelo

Ngomhla ka-1 Okthoba 2021, sethula ucwaningo loqoqa ubufakazi obudingekayo bokudalula inkinga enkulu nokuveza ukuthi i-SASS kumele ithathe isinyathelo.
Amasiginesha abantu abayizi-58 000 abacela ukuba kwelulwe futhi kwandiswa Isibonelelo se-SRD esingu-R350 adluliselwe komele iHhovisi LikaMongameli
Amasiginesha abantu abayizi-58 000 acela ukuba kwelulwe futhi kwandiswe isibonelelo esingu-R350 adluliselwe komele iHhovisi LikaMongameli eziNdlini Zombuso (e-Union Buildings). Umkhankaso uveza izimfuno ezifakwe inqwaba yezinhlangano ezinjengeBlack Sash ezibiza ukuba isibonelelo se-SRD esingu-R350 sinyuswe ukuze okungenani sifike emalini esekela abadla imbuya ngothi engu-R585 ngenyanga, kuhlinzekwe abanakekela izingane abathola izibonelelo zezingane, kuhlolwe kabusha izigaba eziqinisa isandla nemqondomunye […]
Bangaphezu kwezi-49 000 abantu abashayele uhulumeni ukuthi abambe intela yabacebile ukuze kuxhaswe izindlela zokusiza abantu abampofu.
Ngaphambi kwenkulumo yesabelomali kaNgqongqoshe Tito Mboweni, inhlangano yokumelela umphakathi i-amandla.mobi yethule umkhankaso wokuthi abacebile mabakhokhiswe intela yokuphumelelisa izindlela zokungenelela kusizwe izigidi zabantu baseMzansi abaxakwe umthelela wobhubhane lwe-COVID-19. Usekelwe ngabantu abangaphezu kwezi-49 000 umkhankaso, izimfuno zawo ezisemqoka wukuthi kuphuthunywe kwandiswe iNtela Yomholo Yomuntu Ngqo (i-PIT) ebantwini abahola imali engaphezu kwesigidi esisodwa samarandi, futhi kube nesibopho sokwethula […]
Sifuna umbhanselo woGogo
Nangaphambi kwe-COVID-19, inqwaba yezakhamizi zaseNingizimu Afrika beyihluleka wukufeza izidingo zayo, yingakho beyifuna ukuthi kunyuswe imali yesibonelelo ukuze ikwazi ukufeza izidingo. E-amandla.mobi, imikhankaso yethu wukufuna umbhanselo woGogo kanye nokunyuswa ko-R500 besiBonelelo Sokunakekela Izingane yasayinwa abantu abangaphezu kuka-500k. Isithasiselo sesikhashana sokusiza abathola izibonelelo ekuqaleni kokuvalwa kwezwe ngenxa ye-COVID-19 kwakumelwa ngenxa yokwanda kokungabikhona kwemisebenzi nokunyuka kwezindleko. Nakuba iCoronavirus […]
Imizamo kaHulumeni yosizo lwe-Covid-19 ilimaze abampofu
Izinyathelo sikahulumeni sokubhekana ne-COVID-19 sembule inqwaba yamaqiniso abekhona ngaphambi kokuqala kobhubhane: amazinga ephezulu okungalingani kanye namazinga aphezulu okungaqashwa (njengamanje akuma-30% futhi kulindeleke ukuthi anyukele kuma-50%).
IVodacom yehlisa intengo yedatha
IVodacom ithathe izinyathelo zokwenza okufanele lapho imemezela ukuthi izokwehlisa intengo yedatha kusuka kumhla ka-1 Ephreli futhi lokhu kuncishiswa kwentengo kungokokuqala.
Ibanga eselihanjiwe emkhankasweni weData Must Fall
Kusukela ekubhikisheni ngaphandle kwenkantolo ephakeme, ukuqeda izethulo ze-ICASA, ukuqeda amazinga e-out-of-bundle eVodacom ngo-Okthoba 2017, ukuqaliswa kwemithethonqubo yomsebenzisi wokugcina ye-ICASA kanye nesinqumo sikaKhomishana Wezokuncintisana ngezinkampani zamaselula okwadala ukuhliswa kwentengo ngama-30% kuya kuma-50%. Ngezansi kunomdwebo wesikhathi esigcwele soMkhankaso weData Must Fall.
Izithasiselo bekumele zingasahoxiswa
I-amandla.mobi idumele ngokuthi izithasiselo zizophela ekupheleni kukaNovemba. Ukuvalwa kokusebenza kwezwe ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19 kudale ukulahlekelwa yimisebenzi emindenini eminingi esengcupheni yokubhekana nendlala1. Uhlaziyo lwemininingo ye-NIDS-CRAM2 luveza ukuthi isithasiselo kanye nezabelo ezintsha ezethuliwe bezisekele abampofu futhi ziqeda ububha3. Abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-30 abaphila emizini eholwa abantu besifazane bazolimala kakhulu. Ngokusho kukaMqondisi Omkhulu we-amandla.mobi, uKoketso Moeti, “kwenzeka kanjani […]
Ukudlalwa kokuqala kwefilimu laseNingizimu Afrika le-LGBTIQ elithi Under the Rainbow
Hlanganyela nomqambi wamafilimu waseNigeria uPamela Adie owumuntu wesifazane othandana nanye abantu besifazane eBraamfontein Werf ngo-Okthoba 12, 2019, lapho kuzobe kubukwa ifilimu eyidokhumentari yakhe emphakathini waseNingizimu Afrika okokuqala ngqa ebizwa ngokuthi ‘Under the Rainbow’. Nakuba zikhona izimpawu zenqubekela phambili, njengokucwaselwa ukuthandana nabantu bobulili obufana nobakhe eBotswana, impilo yomphakathi wama-LGBTIQ emazweni amaningi ase-Afrika isanzima – inanobungozi. Yilokho […]
I-NHI yabantu ibalulekile futhi ingenzeka
*Ezakamuva* Siyabonga kini nonke malungu kanye nabozakwethu. Sindawonye, sathumela izethulo zomphakathi eziyizi-170,000 sikhala ngokuthi makube ne-NHI esebenzela abantu. Lokhu kuyisinyathelo esibalulekile sokuthi kube nokuhlinzeka ngemisebenzi yezempilo enezingaqophelo elifanele yabantu bonke. *Qaphela ukuthi sihlele kabusha futhi sachibiyela izethulo zethu ngaphansi kwesiqubulo ezimbili ezisemqoka; isibopho sokuphendula kanye nezinsiza. Nokho, iphosti yebhulogi yokuqala ingatholakala ngezansi* Unamandla okubumba i-NHI […]
Siza kwakhiwe kabusha iHhovisi Lokweluleka Abasebenzi Abaqashwe Ngokungagcwele (iCasual Workers Advice Office) ngokunikela
*Buyekeza*: Siwabonga wonke amalungu ethu. Siqoqe imali engaphezu kwezi-R35,000 yeCasual Workers Advice Office
Omunye wophathini be-amandla.mobi, iCasual Workers Advice Office (i-CWAO), okwatatshwa futhi kwashiswa emahhovisi abo ngobusuku bomhlaka 2 Septhemba [1]. Lokhu kuwukulimala okukhulu kwenhlangano esekele abasebenzi abaqashwe ngokungagcwele ukuze balwele isithunzi sabo, ngokuhlela ukuthi basekelwe futhi banikwe izeluleko zomthetho. Njengangonyaka odlule banqoba eNkantolo yoMthethosisekelo ecaleni elalibhekene nama-labour brokers, ukuqinisekisa ukuthi imiholo nezinzuzo zabasebenzi ziba ngcono [2]. Abangani bethu e-CWAO bafunge ukuthi abazukuvuma ukuthi umsebenzi wabo ume. Kodwa balahlekelwe izinto ezibaluleke kakhulu ngomsebenzi wabo njengamakhompyutha, amaphrinta kanye nefenisha. Sisebenzisane kakhulu ne-CWAO emikhankasweni eminingi ebalulekile futhi ngenxa yabo, sinqobe kaningi ekulweleni amalungelo abasebenzi. Njengelungu le-amandla.mobi singaqinisekisa ukuthi abangani bethi e-CWAO bayaqhubeka nokuba nomthelela ngokufaka u-R20 lapha: https://www.givengain.com/cc/cwao/ noma ulandele umsebenzi we-CWAO kuFacebook. Uma sonke senza konke esingakwenza, kungenza umehluko omkhulu. Sisonke singasiza ukwakha kabusha ihhovisi le-CWAO futhi sisekele umsebenzi wabo wokulwa nokucwasa abantu bakwamanye amazwe/ukucwasa abantu abampisholo.
Amazwibela Okucishwa Kukagesi Ngenhloso Yokuwonga abonisa ukubaluleka kwemithethonqubo ye-ICASA.
Amanethiwekhi amaselula amakhulu asethe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, angenakukulawula, kuzoba nomthelela omubi ekuncishisweni kwezindleko zedatha. Nokho, abathengi akumele bakhokhele lokho ikakhulukazi njengoba kunemithethonqubo emisiwe okumele ibavikele ekutholeni inzuzo ngemali ngale ndlela.
Isikhathi sotshalomali olukhulu esibonelelweni sesibonelelo sempesheni yabantu abakhulile
Isikhathi sotshalomali olukhulu esibonelelweni sesibonelelo sempesheni yabantu abakhulile NguKoketso Moeti * Lo mbhalo washicilelwa okukuqala yiDaily Maverick. Njengoba amalungu ePhalamende ehamba kukhaphethi obomvu minyakayonke lapho umongameli eyothula iNkulumo Yesimo Sezwe Kazwelonke (i-SONA), abantu abakhulile abahola impesheni bakuPietermaritzburg Pensioners Forum bame phandle bethemba ukuthi bazokwethulela uMongameli umkhankaso wabo. Babethi impesheni mayinyuswe ibe ngu-R2 500 ngenyanga okwamanje, […]
I-amandla.mobi iwathe njo amehlo ku-ICASA ukuthi yehlise intengo yedatha futhi ivikele abathengi
Ukungabibikho kwedatha ebiza kahle kuzothiya abantu bangakwazi ukuthola imisebenzi esemqoka kulesi sikhathi sobuchwepheshe, kusho ithimba labamele umphakathi i-amandla.mobi. I-amandla.mobi yamukele imithethonqubo ehlongozwa yi-Independent Communications Authority of South Africa (i-ICASA) yokusekela ukwehliswa kwentengo yokuthola idatha kanye nezokuxhumana. Njengenhlangano omsebenzi wayo ugxile kubantu besifazane abampisholo basemiphakathini edla imbuya ngothi, isikhalo senhlangano sibe sekutheni abantu abadla imbuya ngothi […]
I-amandla.mobi isekela umyalelo wokuHlelo Olungokweqhingasu Likazwelonke eliqondene nodlame olusekelwe ngokobulili
Ngomhla ka-8 Agasti i-amandla.mobi indawonye neSonke Gender Justice yazama ukudlulisela umkhankaso, osekelwe abantu abayizi-3, 000, owumyalelo wokuba kube nokuzinikela ekuthuthukiseni nasekuqalisweni kweqhingasu Likazwelonke eliqondene nodlame olusekelwe ngokobulili (i-GBV). UNgqongqoshe wahambela ‘i-SheEO Sleepout’ ngosuku okwethulwa ngalo umkhankaso. Ngokwewebhusayithi yabo, i-SheEO Sleep Out yayihlose “ukuqwashisa, ikhuthaze ukubamba iqhaza nokunxenxa izwe ukuthi lisekele futhi lihlomise imiphakathi ebuthaka”. UNgqongqoshe […]
Inhlangano yomphakathi ithi iRobertson Winery mayikhishwe kuWineX
IRand Merchant Bank WineX Festival iqala ngoLwesithathu, mhlaka 26 Okthoba 2016 eSandton Convention Centre lapho iRobertson Winery izokwendlala imikhiqizo yayo – ngelanga elizoba ngeviki lesi-9 abasebenzi beRobertson Winery bebhikishela amaholo ahambisana nokuphila. Njengamanje izisebenzi zabo zihola i-R2,900 – R3,500 ngaphambi kokudonsa kwezindleko. Lokhu kwenzeka ezweni elidinga iziR3,027 ngenyanga ukuze kondliwe imindeni anamalungu amahlanu ngokudla okunomsoco […]