Amasiginesha abantu abayizi-58 000 abacela ukuba kwelulwe futhi kwandiswa Isibonelelo se-SRD esingu-R350 adluliselwe komele iHhovisi LikaMongameli

Amasiginesha abantu abayizi-58 000 acela ukuba kwelulwe futhi kwandiswe isibonelelo esingu-R350 adluliselwe komele iHhovisi LikaMongameli eziNdlini Zombuso (e-Union Buildings).

Umkhankaso uveza izimfuno ezifakwe inqwaba yezinhlangano ezinjengeBlack Sash ezibiza ukuba isibonelelo se-SRD esingu-R350 sinyuswe ukuze okungenani sifike emalini esekela abadla imbuya ngothi engu-R585 ngenyanga, kuhlinzekwe abanakekela izingane abathola izibonelelo zezingane, kuhlolwe kabusha izigaba eziqinisa isandla nemqondomunye eshiya inqwaba yabantu ngaphandle. Isikhalo siphinda sibiza ukuthi isibonelelo esingu-R350 sigcinwe size siguquke sibe yisiBonelelo Sengeniso Esiyisisekelo (i-BIS) esingu-R1 268 ngenyanga sabantu abaneminyaka eyi-18-59 abanengeniso encane kuya kwabangenayo ingeniso.

Ukuphela kuka-Ephreli kungasho ukuphela kweSibonelelo Sezinhlalakahle Somphakathi (i-SRD) esingu-R350 ebantwini abalinganiselwa kuzigidi eziyisithupha. UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezenhlalakahle uLindiwe Zulu ubike ukuthi ucele uMgcinimafa Kazwelonke ukuba elule ukuhlinzeka ngesibonelelo. UMongameli Ramaphosa ungaphansi kwengcindezi enkulu yokuthatha isinyathelo. USinah, omunye wabasayinile emkhankasweni uthi: “Le mali ayanele, kodwa ingenza umehluko ezindlekweni zokuphila. Abanye abantu baphelelwa imisebenzi ngenxa yobhubhane, ngakho lesi sibonelelo esincane siyayisiza imindeni.” Omunye osisekelayo, uDonovan uthi: “Ngisayine ngoba ngibone abantu abasixakekele lesi sibonelelo, bebambe olayini abade lina noma lishisa. Bayayidinga.”

“Ukusekela ukwelulwa nokwenyuswa kwesibonelelo se-SRD yeCOVID esingu-R350 kusikhungathile, okuveza ukuthi miningi kangakanani imizi ethembele kulesi sibonelelo. Uma uMongameli Ramaphosa engalaleli, kunemizi eyizigidi eyophila kanzima kakhulu” kusho umkhankasi we-amandla.mobi uTlou Seopa.

NgokweBlack Sash, basondele kuzigidi eziyi-10 abantu abafaka isicelo sesibonelelo se-SRD yokhuvethe engu-R350. Balinganiselwa kuzigidi ezintathu abantu okwachithwa izicelo zabo futhi ithi amazwi kamongameli okuvusa umnotho ngamathuba okutholakala kwemisebenzi amaningi ekupheleni kwez-2021 kwakuyinto eyayingenakufezeka nhlobo [1]. Lokhu kuveza ukuthi izigidi zabantu ezingasebenzi ezethembele kulesi sibonelelo bazosala dengwane uma kuvalwa isibonelo.

Amasiginesha aqoqwa aqoqwa nge-inthanethi kodwa nangama-SMS, iWhatsapp, kanye nezinye izindlela 

Umkhankaso utholakala lapha: Elula futhi unyuse isibonelo lwe-SRD esingu-R350 size sibe yisiBonelelo Sengeniso Esiyisisekelo: https://awethu.amandla.mobi/petitions/extend-increase-r350-srd-grant-until-it-s-turned-into-basic-income-support

Umkhankaso ungasayinelwa nangokuthumela igama lakho ngoPlease Call Me, i-SMS noma iWhatsapp ku-0621776937.

Ukwazi kabanzi kanye nezinhlolovo:

Dineo Rabaholo

Umkhankasi we-amandla.mobi

Iselula: 081 461 3651

I-imeyli: dineo@amandla.mobi

Tlou Seopa

Umkhankasi we-amandla.mobi

Iselula: 081 761 5326

I-imeyli: tlou@amandla.mobi

[1] IBlack Sash ithi makunyuswe u-R350 ‘onganele’ oyisibonelelo seCovid-19, ibhalwe ngu-Ernest Mabuza weTimesLive, 12 Febhuwari 2021.

Abelana ngePhosti:

Iphosti Ehambisana Nayo